BEBEHLEKA baze baqhephuke uMengameli Cyril Ramaphosa, noNgqongqoshe wezobuCiko, amaSiko nezeMidlalo, uMnuz Gayton McKenzie, ngesikhathi beqhosha ngokusebenza kukahulumeni wokubambisana ophethe izwe.
Labaholi bathe uhulumeni wokubambisana awuyi ndawo, uMcKenzie uze wathi ngeke avume ukuhlonyekiswa yilabo abathi akashiye uhulumeni wokubambisana.
Bakusho lokhu ngesikhathi bekhuluma emcimbini wokwamukelwa kwamathambo ezishoshovu zomzabalazo ezangcwatshelwa emazweni angomakhelwane iZambia neZimbabwe.
Umcimbi wokwamukelwa kwamathambo alezi zishoshovu ezingu-42 ubuseFreedom Park, ngoLwesihlanu.
URamaphosa noMcKenzie bangabaholi bamaqembu ayingxenye yohulumeni wokubambisana, i-ANC nePatriotic Alliance.
Bekuqhilika izihlathi kula baholi ngesikhathi bekhuluma ngokusebenzisana kwabo.
UMcKenzie uthe ngeke abalalele labo abamhlohlayo, abathi akashiye uhulumeni wokubambisana.
“Bayangihlomekisa laba, bafuna ngixoshwe. Abazi ukuthi kumnandi kanjani lapha kuhulumeni wokubambisana. Labo abangeyona ingxenye yohulumeni wokubambisana bayaphuthelwa. Wonke amaqembu amenywa ukuba abe yingxenye yohulumeni wokubambisana, anqaba. Abathule-ke labo abanqabayo.”
NgeSonto kuphela izinsuku ezingu-100 kwasungulwa uhulumeni wokubambisana.
URamaphosa uthe bonke ongqongqoshe bakubeke eceleni ukuthi baqhamuka emaqenjini ezepolitiki ahlukene.
“Ubani obengacabanga ukuthi ungqongqoshe ongelona ilungu le-ANC (uMcKenzie) angaqhubeka nomsebenzi owaqalwa ungqongqoshe we-ANC? Miningi iminyango ebambe iqhaza emcimbini wanamhlanje. Le minyango iholwa ongqongqoshe abaqhamuka emaqenjini ehlukene. Lokhu kukhombisa ukuthi sonke sifuna into eyodwa, ukusebenzela abantu,” kusho uRamaphosa.
Phakathi kwabaholi okubuyiswe amathambo abo, kubalwa lowo owayengunobhala jikelele we-ANC, uMnuz Duma Nokwe, nezinye ezishoshovu ezifana noMnuz Bafana Nsele, Jackson Khuzwayo noVincent Khumalo.
URamaphosa uthe asazolandwa amathambo amanye amaqhawe omzabalazo.
“Abantu baseNingizimu Afrika kufanele bazi ukuthi angobani la maqhawe alwela inkululeko. La maqhawe anikela ngezimpilo zawo. Amagama abo azoqoshwa emlandweni lapha eFreedom Park khona singeke sibakhohlwe.”