IBHUNGU elineminyaka engu-22 ubudala livele phambi kweMantshi yaKabhokweni, eMpumalanga, ngecala lokubulala nokwephula umthetho.
USiyabonga Sanderson uvele kule enkantolo ngemuva kokuboshwa ngoLwesine ekuseni ukutholakala isidumbu sikamkhulu wakhe sigqitshwe egcekeni.
Ummangalelwa usolwa ngokubulala umkhulu wakhe, u-Albert Sanderson (75). Isidumbu saleli khehla simbiwe ngamaphoyisa emzini walo oseSwalala ngaseWhite River eMpumalanga.
Okhulumela uphiko lweNPA uMonica Nyuswa uthe kusolwa ukuthi ngomhla ka-6 Novemba 2023 ummangalelwa nomufi baba nengxabano ngemuva kokuba umufi ekhuze ummangalelwa ngokuletha izintombi ezahlukene emzini wakhe. Ube eseshaya umufi owawela phansi. Wabe esemngcwaba ethuneni elingashoni ngemuva kwendlu.
Ngesikhathi evela umsolwa utshele inkantolo ukuthi uzoziphendulela futhi ngeke afake isicelo sebheyili.
"Umbuso ubuhlela ukusiphikisa isicelo sakhe sebheyili, kodwa-ke akazange sifake."
Umsolwa uzogqunywa esitokisini, lize libuyele enkantolo ngonyaka ozayo icala lakhe ngomhla ka-30 Januwari 2024 ukuze kuqhutshekwe nophenyo.