UPutin uphoqeleke ukwenza isivumelwano namavukela-mbuso
Kusize isivumelwano ukuze amavukela-mbuso ahoxise imashi yawo ebilibangise eMoscow, eRussia.
NgoMgqibelo amehlo omhlaba abethe njo eRussia emuva kokuthi amasosha azimele aholwa nguYevgeny Prigozhin abizwa ngeWagner ekhombise ukuthi uMengameli wakuleliya lizwe, uMnuz Vladimir Putin akasasatshwa ngendlela obekucatshangwa ukuthi usatshwa ngayo.
Kushone ilanga uPrigozhin eseyalele amasosha akhe ukuthi abuyele ezinkambini zawo.
Amasosha kahulumeni namasosha ebephume ngezinkani eqaphe isimo.
UPutin uthe amasosha akade emasha ebezama ukuketula umbuso wathi azojeziswa kodwa ubuye washintsha emuva kokuthi uPrigozhin eyalele amasosha akhe ukuthi abuyele emuva.
UPutin uthembise ukuthi abebemasha ngeke bajeziswe, wathi uPrigozhin uzosuka eRussia ayohlala eBelarus.
Ngesikhathi amasosha eWagner ebuyela ezinkambini zawo, abantu bebekhuza igama elithi “Wagner” lapho ebedlula khona.
Isivumelwano kuthiwa senziwe emuva kokungenela kukamengameli waseBelarus uMnuz Alexander Lukashenko.