UPHIKA yonke into ummangalelwa wesine ecaleni lokubulawa komfana ikhanda lakhe elatholwa libekwe esitamkokweni eMlaza
kwa-G ngo-2017.
UMnuz Simphiwe ‘Maviva’ Ntshangase (19) ongummangalelwa wesine ecaleni lokubulawa kukaPhiwayinkosi ‘Macala’ Mhlongo owayeneminyaka engu-15, uthi kungamanga aluhlaza okushiwo nguBanele Mhlongo ongummangelwa wesithupha ecaleni ukuthi uyena owadubula umufi kabili ekhanda ngaphambi kokuba anqunywe.
Uthi wayengekho nokuba khona ngesikhathi bengqongqoza kubo kaPhiwayinkosi okusolwa ukuthi bangqongqoza bazibiza ngamaphoyisa ukuze unina kaPhiwayinkosi avule umnyango.
“Emuva komngcwabo kabhuti wami ngalandwa ngu-anti saya eFolweni lapho kwakunomcimbi wesintu khona,” kusho uNtshangase.
Uthe umazi kudala ummangalelwa wesithupha ngoba bakhule bedlala ibhola ndawonye kodwa ngalolo suku akazange anake noma wayekhona yini kungcatshwa ubhuti wakhe ngoba wayematasa kakhulu belungiselela umngcwabo.
Ngesikhathi umshushisi ecaleni * -Advocate Krishin Shah eqhubeka nokumhloma ngemibuzo , ummangalelwa ubekhombisa ukuzethemba uma ephendula.
Kusolwa ukuthi isenzo sokubulawa kukaPhiwayinkosi kwakungesokuziphindiselela njengoba kusolwa ukuthi waba nesandla ekubulaweni kukaMnuz Sibongiseni Ntshangase (ongumfowabo wommangalelwa wesine) okuthiwa wabulawa ngamalungu omphakathi ayemsola ngobugebengu.
Unina kaPhiwayinkosi, uNksz Thoko Ntombilezi Mtshali ohleze ehambela leli cala lokubulawa kwendodana yakhe, uthe kumhlukumeza kakhulu ukuzwa abamangalelwa bephika behlanza okwayizolo enkantolo ngokubulawa kwendodana yakhe ekubeni bayithatha kuyena uqobo.
Ekhuluma neSolezwe ngaphandle kwenkantolo uNksz Mtshali ovele wakhihla isililo, wathi selokhu kwabulawa indodana yakhe, usengumuntu ohlala ngokugula.
“Umfana wami ubeyikho konke kimi. Selokhu ngabona ikhanda lakhe lilahliwe, ngagula, umoya wami wahlukumezeka kakhulu. Ukuphika kwabo kungifikisela umunyu oyisimanga ngoba bamthatha kimina kwahlula noma ngizama ukunqaba naye bamthatha ngenkani,” kuchaza uNksz Mtshali.
Namuhla kulindeleke ukuthi ummangalelwa wesihlanu agibele ebhokisini. Icala liyaqhubeka.