USOLWA ngokuphika yonke into ummangalelwa wokuqala ecaleni lokubulawa ngesihluku kukamama nengane yakhe izidumbu zabo ezalahlwa KwaDabeka, eClermont.
UNkk Pamela Slindile Zamisa, ubethula ubufakazi eNkantolo eNkulu yaseThekwini.
UNkk Zamisa nendodakazi yakhe engummangalelwa wesibili uNksz u-Andile Zamisa, bathweswe amacala amabili okuthumba, namabili okubulala uNkk Simangele Simamane, nendodakazi yakhe uSibongakonke Mthembu (12).
Lo wesifazane ukusho wangangabaza ukuthi akukho muntu owabulawelwa kwakhe. Uthe uNkk Simamane akakaze anyathele emagcekeni akwakhe, wathi uSibongakonke wayeke avakashele isihlobo okulindeleke ukuthi sivume icala namhlanje.
Ebuzwa ukuthi yini eyadala ukuthi abaleke ashiye ikhaya lakhe eNewlands West, eThekwini. Uthe yingoba waxwayiswa ngamaphoyisa ukuthi impilo yakhe isengcupheni athi akathole enye indawo yokulala futhi umuzi wakhe usuyindawo yesigameko.
UMshushisi u-Advocate Gugu Xulu, uthe lokhu kuyashayisana nobufakazi obethulwe enkantolo yiziboshwa ezimbili esezidonsa isigwebo ngecala.
Iziboshwa okunguNomfundo Ngcobo owagwetshwa iminyaka engu-20, noSithembiso Lamola owagwetshwa eyisithupha, zachaza uNkk Zamisa njengongqondongqondo wokubulawa kukamama nendodakazi.
Laba ababili bathi okwabasusa eNewlands, ukuthi babebalekela amaphoyisa ayebahleli izithonto ngemuva komkhondo owawuwaholele kulo muzi.
UNkk Zamisa yena uthe okwamyisa eGoli, nomndeni wakhe ukuthi wayeyofunela isihlobo sakhe usizo kumthandazi ngoba sasinenkinga yokubona izilwane nezinto umuntu ophila saka, owayengaziboni.
Uthe wabona kuseduze ukuthi bafudukele eGoli, lapho athe bahlala khona izinyanga ezintathu ingane yakhe ikhulekelwa ifunelwa neziwasho okwathi uma seyingcono babe sebedlulela eMnambithi, ukuze isihlobo siyobonwa yizihlobo zaso.
U-Adv Xulu uthe ubufakazi buyashayisana nobethulelwe inkantolo obabuveza ukuthi eMnambithi, kwakuyiwe ngenxa yokuthi kuyolashwa lesi sihlobo.
UNkk Zamisa uphikile ukuthi sikhona isiphrofetho esenziwa kwakhe nokuthi bashawa baze bashona umama nendodakazi, nokuthi wayekhona ngesikhathi kuyolahlwa izidumbu.
UNkk Zamisa obebonakala ekhululekile kodwa ekhulumela phansi aze acelwe yijaji ukuthi akhuphule izwi, uthe ubekuzwa konke obekushiwe abafakazi phambi kwakhe wathi bebempenda wathi banezinhloso zabo.
Enkantolo ugcine esehlekwa ebebethamele icala uma ephendula imibuzo okuyinto agcine esekhalaza ngayo ejajini ethi uyaphazamiseka ngoba njalo uma ephendula kukhona abamphendula ihlaya.
Ijaji libe selikhipha isixwayiso esishubile lisibhekise kulaba ebebehleka lathi libakhuza okokugcina okulandela lokho wonke umuntu uzophuma kusale kuphela amathimba abhekene neacala.