UMHOLI webandla lakwaShembe eBuhleni uMnuz Mduduzi “Nyazilwezulu” Shembe utuse amagalelo omholi weDA KwaZulu-Natal, uMnuz Zwakele Mncwango ekuvikeleni ibandla lakhe.
UMncwango ubeye eBuhleni ngoMgqibelo eyocela izibusiso ngaphambi kokhetho lwangenyanga ezayo.
UNyazi lutshele uMncwango ukuthi luyawulandela umsebenzi wokuhlale evikela ibandla labo.
“Siyawazi umsebenzi wakho omuhle, sikubonile ungenelela eCape Town ngesikhathi sinenkinga yokuthola izindawo zokukhonzela kwalunga. Sikubonile futhi naseThekwini wenza okufanayo nakhona kade sinenkinga yokuthola izindawo,” kusho uNyazi.
UNyazi luphakamise ukuthi uMncwango aphinde abuye esehamba yedwa ukuze babe nomhlangano bobabili khona luzogonyuluka nangezinye izikhalo elinazo.
UMncwango ufike wanikela ngeziklabhu ezimbili nemali isamba sayo esingadalulwanga.
Uthe inhloso yokuvakashela eBuhleni bekuyocela izibusiso nokuthi inkosi ibakhulekise ukuze kube nokhetho olunokuthula ngenyanga ezayo.
“Ibandla lakwaShembe ngelinye lamabandla amadala futhi elikhulukazi. Bekubalulekile ukuthi siye khona siyocela ukukhulekiswa ukuze kuphele izinkinga ezibhekene nomphakathi ezweni ikakhulukazi lapha KwaZulu-Natal,” kusho uMncwango.
Uthe into abayicelile wukuthi inkosi ikhulekele ukuthula ngoba bayazi ukuthi lapha KwaZulu-Natal kuba nokuphakama kwemimoya nokungabekezelelani uma kunokhetho.
“Okunye esicele ukuba inkosi isikhulekise kukho wukuthi kunqandwe ubugebengu nenkohlakalo nezinye izinkinga njengokucwilwa kwentsha ezidakamizweni,” kusho uMncwango.
Uthe inkosi ikujabulele kakhulu ukufika kwabo.
“Kungijabulisile ukuthi inkosi iyawulandela umsebenzi wami njengoba ibongile ngokungenelela kwami kade ibandla linenkinga lokuthola izindawo zokukhonzela eCape Town naseThekwini,” kusho uMncwango.
Uthe bona bakholelwa ekutheni zonke izinkolo kumele zivikelwe. “Ngaphandle kokungenelela odabeni lwezindawo ngangenelela futhi nasodabeni lwamaphoyisa asebandleni ayephoqwa ukuthi agunde emsebenzini nabafundi bebandla nabo ababephoqwa ukuthi bagunde ezikoleni,” kusho uMncwango.
Uthe uzosenza isikhathi ukuze aphinde ahlangene nenkosi sebebobabili kuphela.