UKUKHOTHAMA kweSilo Samabandla kuzwelile kumholi wamaNazaretha waseBuhleni, uNyazilwezulu njengoba bebengamathe nolimi ngendlela abebezwana ngayo.
Okhulumela abaseBuhleni, uMnuz Thokozani Mncwabe, uthe umholi wamaNazaretha ubenobudlelwano obuhle noHlanga Lomhlabathi futhi uzothumela amakhosi esizwe asebandleni lakhe ukuyobhonga emswanini endlunkulu.
“Inkosi uNyazilwezulu yedlulisa amazwi enduduzo endlunkulu nasesizweni sonkana ngokukhothama kweSilo Samabandla. Inkosi uNyazi iphatheke kabuhlungu kakhulu ngokukhothama kweSilo. Inkosi ibinobudlelwano obukhulu neSilo futhi ibingapheli esigodlweni saso eNyokeni, KwaNongoma. NeSilo besingapheli eBuhleni futhi bekunezinhlelo ezenziwa ngamaNazaretha aseBuhleni neSilo, njengolokusokwa kwabesilisa oseluneminyaka eyisikhombisa lukhona. Awukho umcimbi obuba khona eBuhleni, inkosi uNyazilwezulu obeluwenza lungaqalanga endlunkulu. Ngokunjalo neSilo besenza isiqiniseko sokuthi siqala eBuhleni uma kunomcimbi esizoba nawo, ngendlela abebesondelene ngayo nenkosi uNyazi,” kusho uMncwabe.
Uthe ubudlelwano babo bebuqine kakhulu kangangoba iSilo sinesigodlo saso esakhiwa wuNyazilwezulu eBuhleni, esinye sisentabeni iKhenani. Lezi zigodlo bezisetshenziswa yiSilo uma sivakashele amaNazaretha eBuhleni noma esentabeni iKhenani.
Eminyakeni edlule amaNazaretha aseBuhleni, ake abonakala egcwele inkundla iMoses Mabhida ngesikhathi uMdlokombane esingethe umgubho woMkhosi weLembe. Kulowo mcimbi uNyazilwezulu lwafike lwaxoshisa iSilo ngezinkomo.
AmaNazaretha abebuye atheleke naseNyokeni lapho abevamise ukuya khona ephelezela uNyazi uma luyohlangana neSilo.