UFISA kuguqulwe umthetho wabalahlwe amacala, ukuze abaphuma ejele balekelelwe uhulumeni ukuthola imisebenzi uma sebebuyele emphakathini, uSandile Msomi, waseChesterville, owayeboshelwe ukweba.
Uthe njengoba ijele kusuke kuyindawo yokuhlumelelisa isimilo somuntu, kubalulekile ukuthi anikezwe ithuba lokuziphilisa ngoba ukufunda kukodwa kutshengisa ukuthi useyazama ukushintsha.
UMsomi oseneminyaka emithathu ephumile ejele, uthe ngesikhathi esejele waqedelela isikole waze wathola iziqu ze-Human Resources kodwa manje uziphilisa ngebhizinisi lokukhiqiza izincwadi enkampanini yakhe Usinga Losiba Publishers.
"Ngifisa uhulumeni ayibheke ngenye indlela le nto ngoba abantu abaningi abaphuma ejele bagcina sebenza ubugebengu futhi. Lokhu kudalwa ukuthi bafica izinkinga ezazibaholele ebugebengwini zisekhona futhi ziziningi kunakuqala, bangabi nayo indlela yokuziphilisa. Akubobonke abantu abaganga ngoba bethanda, omunye ugangiswa isimo esinzima sokuphila," kuchaza uMsomi.
Uthe usebhale izincwadi ezintathu ezithi; Masxhawulane, Usinga Losiba, kanye Nohambo Losizi futhi uzokhipha eyezinkondlo maduze.
Uphinde wabeka nokuthi ufisa inkampani yakhe, ifukule izingane ezifundayo ukuze zikhiqize izincwadi zazo.
"Ngine-book club engiyisungulile lapho ngicija khona abafundi basezikoleni iWiggins Secondary neMkhumbane Secondary ngokubhala izincwadi nokuhaya izinkondlo abazozikhiphela encwadini," kusho uMsomi.
Uthe ufisa inkampani yakhe igcine ikhulile isinendawo yokusebenzela ngoba usasebenzeja ekhaya, futhi aqashe nabantu kuyo.
Uphinde wagqugquzela abantu abasha ukuthi bangathathi izinqumo abazobuye bazisole ngazo.
“Bangalinge bazifake ezidakamizweni ngoba bebalekela izinkinga. Izinkinga uba nazo unemali noma ungenayo, kuya ngawe ukuthi ukhetha ukubhekana nayo kanjani. Kungcono ukubheka amathuba okuzithuthukisa ukuze ukwazi ukuziphilisa,” kusho yena.