KUPHELE amahlathi kubasolwa abayisikhombisa kwabayisishiyagalolunye bevinjezelwa oKlebe bengazelele.
Lokhu kwenzeke ngoLwesine nangoLwesihlanu ezifundazweni ezine okuyiLimpopo, Gauteng, Eastern Cape ne Free State lapho oKlebe becaphune abesifazane abane nabesilisa abathathu. Kubikwa ukuthi laba basolwa bebesebenzela iSouth African Revenue Services (SARS) abanye babo sebelohonjwe indlela.
Laba babhekene namacala okukhwabanisa, ukushushumbisa imali nokuphula umthetho wokuphathwa kwentala nokunguMthetho 28 ka-2011, ukwephulwa koMthetho wentela yeMpahla kanye neMpahla Ethengiswayo nokungumthetho 91 ka-1964, kanye nokwephulwa koMthetho Wokuvinjelwa Kobugebengu Obuhleliwe we-121 ka-1998. Kuseduze ukuba kuboshwe abasolwa ababili abafunwa uthuli.
Kuthiwa laba basebenzi bebesebenzela eFicksburg Bridge, Maseru Bridge naseVanrooyenshek Bridge lapho bahla ubugebengu bokuthengiselana okungu-333 okufika ku-R653 500 455-28. Konke ukuthengiselana okuhlonziwe bekuyimpahla/impahla (indwangu) engenisiwe ngemali yebhondi (Ukususwa Ngebhondi) isuka esikhumulweni sokungeniswaa kwempahla emtateni waseThekwini ezothunyelwa ngaphandle emngceleni waseFree State (ngebhuloho laseMaseru).
ISARS iqinisekisile ukuthi abasebenzi bayo abahlanu babhekene nenqubo yokuqondiswa ubugwegwe emsebenzini futhi balahlwa amacala baxoshwa emsebenzini.
Abanye abasebenzi ababili basulile emsebenzini bangakaqondiswa ubugwegwe.
Omunye umsebenzi naye oqondiswe ubugwegwe uthole incwadi yokugcine yesexwayiso, kanti ababili abangakaboshwa bona basabhekene nale nqubo kamqashi wabo.
OKlebe, basebenzisane nophiko oluphenya ngenkohlakalo kwa-SARS, bethula icala eliqinile kuNational Prosecuting Authority (NPA). I-NPA ikwamukele ukuboshwa kwabasolwa futhi ibona kuboshwa kwalaba kuzothumela umyalezo ocacile kwabanye abenzi benkohlakalo namacala ahlobene nokukhwabanisa.
Laba basolwa bazobingelela iMantshi yaseLadybrand ngoMsombuluko mhla ka10 Juni 2024.