UNIKWE ikhefu uFata wamaKhatholika eLamontville osolwa ngokuba yi-blesser lomfundi oneminyaka engu-17 okhonza ebandleni lakhe.
Ngokuthola kwaleli phephandaba, uFata ubengekho enkonzweni ngeSonto esisuka kulo, ebanjelwe ngomunye owenze imisa kulandela ukuthi umndeni womfundi ongamalungu aleli bandla, uthole ukuthi bayathandana wase umceba kuMbhishobhi.
Umndeni wengane, efunda izifundo uma kungamaSonto kulo leli pherishi, uthe ubambe izinkulumo phakathi kukaFata nalo mfundi obekucaca ukuthi bayathandana futhi sebeke baya nasocansini, naye uFata wavuma.
Unina womfundi uthe ingane yakhe ibisihlale inemali, isigqoka izingubo ezithengwa esitolo soku-oda nge-internet iShein okuthi uma ibuzwa ukuthi izithenge ngani, ingasho. Kugcine kuvela ukuthi i-blesser wuFata.
"Ngike ngamshaya ngoba ubesenomkhuba wokunyamalala amahora ngingazi ukuthi uyephi kwaze kwaba ngilunywa indlebe yisihlobo ngokuthi sesike sambona izikhawu eziningana egibela emotweni kaFata.
“Sinodadewethu sibe sesilandelela sifuna ukuthola iqiniso ngoba yena ubephika uma simbuza. Size savula iselula yakhe sabona izinto ezishaqisayo abazikhulumayo ezigcinwe kuma-archives," kusho unina.
Uthe bewumndeni baziyele ngqo kuFata bayombuza ngalokhu, wavuma wathi “ulingekile”. Kuthiwa uvumile nokuthi sebeke baya ocansini, wathembisa nokuhlawula uma umndeni ungayamukela inhlawulo.
Ngokwenqubo yamaKhatholika abefundisi bathathwa njengezindela, kabazibandakanyi nocansi futhi abaganwa.
"Asikwazi ukuthatha inhlawulo sengathi yinto eyemukelekile lena. Izingane sizidedela ukuthi ziye esontweni ngoba sazi ukuthi kukhona ubaba.
“Uma sekuzophenduka yena enze into enje siyaphoxeka futhi sifuna anqunywe ebufundisini, anikezwe umsebenzi ozokwenza ukuthi angahlangani nezinye izingane bese enza okufanayo," kusho unina wengane.
UMbhishobhi Elias Zondi, owumsizi kaMbhishobhi Mandla Mjwara ehhovisi lesiFundabhishobhi samaKhatholika saseThekwini, uthe lolu daba lubikiwe ehhovisi kuye nakuMbhishobhi (omkhulu). Basezinhlelweni zokuthi bathole umphenyi ozimele ozocubungula ukuthi likhona yini icala elingaphenywa. Kusenziwa lokho babone ukuthi uFata othintekayo anikwe ikhefu.
"Umndeni siwazisile ngokuthi inqubo ithini uma kunezinsolo ngoFata.
“Uma umphenyi webandla etholile ukuthi kunecala okumele liphenywe, uzomiswa uFata bese kwaziswa amakholwa. Ngalolu hlelo asiqondile ukulunyathela udaba. Yinqubo esiyilandelayo kuwo wonke amacala," kusho uZondi.
Leli phephandaba lizamile ukuxhumana noFata othintekayo ocingweni lwakhe, kepha belungangeni futhi lungayemukeli imiyalezo.