UKUGXEKILE ukushiswa komtapo wolwazi Ezakheni, eMnambithi uNgqongqoshe wezamaSiko, ubuCiko, nezemiDlalo, uNksz Hlengiwe Mavimbela.
UNksz Mavimbela uveze ukukhathazeka kwakhe ngoLwesithathu, ngesikhathi ehambele le ndawo eyohlola umonakalo odalekile ngoLwesibili, ngesikhathi kushiswa isikhungo.
Phakathi kwezinto ezicekelwe phansi umlilo kubalwa ama-khompyutha, izihlalo, amashalofu, izincwadi nama-air-conditioner.
UNksz Mavimbela uthe kuyadabukisa ukubona umonakalo owenziwe esikhungweni, esakhelwa ukusiza umphakathi.
“Lo mtapo wolwazi yiwo wodwa okhona Ezakheni. Uhlinzeka ngosizo ezikoleni ezilinganiselwa ku-30, ikolishi elilodwa, namanye amawadi amane asondelene nawo,” kusho uNksz Mavimbela.
Unxuse imiphakathi ukuthi izivikele izikhungo zikahulumeni ezifana nalezi ngoba zakhiwelwe ukusiza yona. Wanxusa umphakathi ukuthi uma kukhona onolwazi lokuthi ngobani abenze umonakalo, kumele beze ngaphambili basebenzisane namaphoyisa ukuqinisekisa ukuthi abenzi bobubi bayabanjwa masinyane.
Uthe ukushiswa kwalo mtapo wolwazi kufike ngesikhathi umnyango wakhe ubungaza iWorld Read Aloud Day, okuwusuku olugujwa minyaka yonke.
“Kubuhlungu ukuthi izingane zaseZakheni, esikhundleni sokuthi zibungaze lolu suku kanye nomhlaba wonke, zona zivukele emtapweni wolwazi oshisiwe,” kusho uNksz Mavimbela.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe kuvulwe icala lokucekela phansi impahla esiteshini samaphoyisa saseZakheni.
Uthe ngoFebruwari 1 amaphoyisa athola umbiko wokuthi umtapo wolwazi uyasha maqede anikela khona. Uthe ngesikhathi efika athola ukuthi ngempela umtapo wolwazi uyasha, amawindi, ama-khompyutha, ama-aircon, izincwadi namashalofu kucekelwe phansi umlilo.
“Akukaboshwa muntu, amaphoyisa asaphenya,” kusho uGwala.