UMMANGALELWA wokuqala ecaleni lokufa kukaSenzo Meyiwa, uMuzikawukhulelwa Sibiya, uyijikile indaba ngezinsolo zokuthi washaywa ngamaphoyisa asesiteshini iSilverton, ePitoli.
Ummeli kaSibiya u-Adv Thulani Mngomezulu, utshele inkantolo ukuthi ikhasimende lakhe liyayijika indaba.
UMeyiwa owayeyisilomo se-Orlando Pirates neBafana Bafana, wadutshulwa wafa ekubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo, eVosloorus, eGauteng ngo-2014.
Bahlanu abalisa abashushiswa eNkantolo eNkulu ePitoli kodwa bonke bayawaphika wonke amacala ababhekene nawo.
Icala lisesigabeni lapho abameli befake khona isicelo sokuthi inkantolo ingazemukeli izitatimende zokuvuma amacala ngoba abamangalelwa baphoqwa.
Ummangalelwa wokuqala, uSibiya uthi washaywa wavunyiswa ngenkani icala. Phambilini evele eNkantolo yeMantshi eThembisa, wabika ukuthi ushayiwe esitokisini, waze wacela ukushintshelwa ejele ukuze aphephe.
Wathi washaywa ngamaphoyisa asesiteshini eSilverton, ePitoli.
Kuthe sekungenwa kujulwa ekutheni wobani abamshaya, wajika wathi washaywa ngamanye amaphoyisa angasebenzi eSilverton. USibiya uphakamise isandla, wase ehleba nommeli wakhe uMngomezulu.
Ummeli uMngomezulu uthe ucela ukulungisa lokho okwakushiwo wuSibiya.
“Nkosi yenkantolo ngicela ukulungisa kancane nje. Ummangalelwa wokuqala akashongo ukuthi washaywa ngamaphoyisa aseSilverton kodwa wathi washaywa ngamaphoyisa nje. Namanje kade ngiqinisekisa kuyena usho njalo,’’ kusho uMngomezulu.
Umshushisi u-Adv George Baloyi ukhiphe imiqingo yamaphepa abhalwe lokhu okwenzeka enkantolo eThembisa. Amaphepha kaBaloyi akhombe ukuthi uSibiya wathi wayeshaywa ngamaphoyisa aseSilverton kodwa usejikile kulokho.
IJaji Ratha Makgoatlheng lizwakale liquma samuntu ocikekayo ngokuthi umsolwa useyijikile indaba. IJaji lize labuza ngokumangala ukuthi ngempela umsolwa usho kanjalo yini.
“Hhawu kusho ukuthi kukhona amaphoyisa ayevele efike nje amshaye esikhaleni? Hhayi kulungile akunankinga. Ngiyabonga,’’ kusho iJaji libhala undendende emabhukwini alo.
Icala lisheshe laguqa izolo ngenxa yokuthi ufakazi usheshe waqeda ukufakaza. Kulindeleke ukuthi namuhla uMbuso ubize ufakazi wawo owudokotela wamazinyo okuthiwa wake waxilonga ummangalelwa wesibili uBongani Ntanzi.