Ozibiza ngomengameli wamabhinca uNgizwe Mchunu uthi umholi we-EFF uJulius Malema uyongena efile enkundleni iMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoFebhuwari 10 lapho eyokwethula khona uhla lwezithembiso kubavoti.
UNgizwe ukusho lokhu esithangamini nabezindaba ebesiseGoli ngoLwesibili emini.
"Ngomhlaka-10 Febhuwari uyongena ngifile eMabhida, ngeke ulibeke. Shintsha inkundla mfana wami. Awukwazi ukuzothimisela ipleti lami ngidla bese uthi uwusopolitiki, uthi uwubaba," kusho uNgizwe.
Isithangami siphele engakachazi ukuthi uzokwenzani ukuvimba uMalema.
Uthe iso ngeso kuye noMalema, ambize ngosathane wezepolitiki.
Uqale ngokuphawula ngesigameko sanyakenye lapho akhuluma khona inkulumo engehlanga kahle kwabanye abamsola ngokucwasa.
"Kwenzeka isigameko sokuthi ngikhulume amagama ngeqise, ngikhulume amagama anenhlabathi. Ngihoxisa ngokungahlinizi."
Uthe wake waba nomhlangano noMalema, yiPhini lakhe uFloyd Shivambu noNobhala Jikelele uMarshall Dlamini.
Uthe kulo mhlangano uMalema wathi ufuna angene esikhundleni sokuba wuNdunankulu waKwaZulu-Natal emele i-EFF.
"Wathi lo fatty boom boom, (esho uMongezi Twala ongusihlalo we-EFF eKZN) ngeke amlethele abantu. Wathi uma ethola iKZN kuyobe kufeziwe waze wasukuma."
Uthe wanqaba ngoba uMalema engundlovukayiphikiswa futhi exosha amaphini ezimeya engaxoxile nawo.
Ngemuva kwenkulumo kaNgizwe lapho ayesolwa khona ngokucwasa, igaraji elidayisa izimoto iJAC labunqamula ubudlelwano bakhe nalo, lamephuca iveni elalimxhase ngalo. Uthe iJAC ayinacala kodwa i-EFF yalwa nayo yathi lingapheli ihora engaphuciwe.
"Bathi isixoliso yinonsensi, abasemukeli. Ngangingaxolisi kubo kodwa kumaTsonga nabo bonke abazwela ngenkulumo yami."
Uthe basabisa ngokushisa wonke amagaraji akwaJAC uma engaphucwa imoto.
Esithangamini nabezindaba eThekwini ngoLwesihlanu, uMalema ubize uNgizwe ngomfana omncane ethi akakunakanga ayekusho.