USASHAQEKILE umphakathi waseLovu emuva kokuboshwa komthandazi ophinde abe yinyanga (42) osolwa ngokudlwengula indodakazi yakhe (19) nokusolakala ukuthi uyikhulelisile.
Lo mlisa obevele eNkantolo yeMantshi yaseNsimbini izolo kuthiwa uboshwe ngeSonto ebusuku emuva kokuthi evulelwe icala yindodakazi yakhe okuthiwa ubeyidlwengula ephindelela. Indodakazi yakhe eyenza uGrade 11 kukholakala ukuthi seyinezinyanga ezintathu ikhulelwe, akukaziwa ukuthi ubani oyikhulelisile phakathi kwakhe nesoka layo abeyiphoqa ukuthi iyolala nalo njalo uma eseyidlwengulile.
Unina wale ngane (38) esalaliswe esibhedlela esingadalulwanga njengoba iselashwa nobengahlali nayo njengoba ahlukana noyise isencane uthe uthole ngeSonto ngokudlwengulwa kwayo.
“Ngithole * -call back obuvela kwindodakazi yami ngeSonto ekuseni ngayifonela yase idlulisela ucingo komunye umuntu ongitshele ukuthi ngize ngizoyilanda esiteshini samaphoyisa ngokushesha. Ngize ngakwazi ukufika ebusuku ngoba bengisuka kude. Kuthe uma sengisendleleni ngaphinde ngashaya ucingo ngazama ukuthola ukuthi ikuphi yangitshela ukuthi isesibhedlela. Ngishaywe uvalo ngathi ayingitshele ukuthi kwenzekeni ngoba bebelokhu bengasho ngesikhathi beqala ukungifonela. Ibe seyingitshela ukuthi uyise ubeyidlwengula,” kusho unina wale ngane.
Uthe ngesikhathi bebonana nendodakazi yakhe imbikele ukuthi uyise ubeyidlwengula bese eyisabisa ngokuthi uzoyithumelela ngezulu.
Ubethi uma eseyidlwengulile bese ethi ayiyolala nesoka layo ngenkani ukuze kuthi noma ikhulelwa kube sengathi yilona.
Uthe ingane yakhe itshele umngani wayo ukuthi uyise uyayidlwengula base beya kovula icala ngeSonto ekuseni emuva kokuthi egcine ukuyidlwengula ngoMgqibelo ebusuku.
“Namanje ikhanda lami lisaphithene ngoba bengingazitsheli ukuthi kunento efana nalena eyenzekayo. Uyise wafika wazomthatha ekhaya ngo-2016. Bekungathi bahleli kahle kodwa kwathi uma ivakasha ngoJuni kulo nyaka ngabona sengathi kukhona okungamphethe kahle. Ngesikhathi ngimbuza uthe ukhathele ngoba ufunda kakhulu. Uthe uqale ukumdlwengula ngoMashi wathi wayesaba ukusho ngoba ubemsabisa,” kusho unina wale ngane.
Uthe okumphatha kabi kakhulu ukuthi ugogo wengane ozala uyise uyamfonela amthuke njengoba eboshiwe. Unina wengane uthe ingane ithe ifisa sengathi uyise angayitholi ibheyili ngoba izibona ingaphephile uma engaphumela ngaphandle.
Umthombo osondelene nalolu daba uthe umphakathi wakule ndawo usashaqekile mayelana nokuvela kwezinsolo zokudlwengula ezibekwe lo mthandazi okuthiwa ubehlonishwa endaweni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, ukuqinisekisile ukuthi lo mlisa uboshiwe nokuthi uvele enkantolo ngoLwesibili.
Kulindeleke ukuthi umsolwa aphindele enkantolo ngoLwesithathu oluzayo ukuze afake isicelo sebheyili.