UZOMELWA u-Advocate Charles Mnisi ummangalelwa wokuqala, uMnuz Muzikawukhulelwa Sibiya, ecaleni lokubulawa kowayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa.
Lokhu kuvele, eNkantolo eNkulu yasePitoli, ngesikhathi kuhleli leli cala.
Kusongwa unyaka ngoDisemba, abameli babamangalelwa bacela ukunikwa ithuba lokuthi bayodla amathambo engqondo ukuthi ngubani phakathi kwabo ozophakamisa isandla, amele uSibiya.
Lokhu kwenzeka emva kokuthi uSibiya eshonelwe ummeli wakhe, u-Adv Thulani Mngomezulu, emva kokugula isikhashana.
Eveza ukuthi wuye osezomela noSibiya, uMnisi uthe uceliwe ukuthi alekelele.
“Ngivumile. Kodwa kusekhona okusashodayo ngokwamaphepha okusafanele sikulungise. Ngikholwa ukuthi uma sibuya ngoJanuwari 20, konke okushodayo kuzobe sesikulungisile noSibiya,” kusho uMnisi.
Ebuzwa yiJaji uRatha Mokgoatlheng ukuthi uyazi yini ngalokhu, uSibiya uvumile wathi uyazi nomndeni wakhe uyazi futhi uvumile.
UMokgoatlheng ube esebeka umbono wokuthi, uma efuna uMnisi, angacela ukubheka amanothi kaMngomezulu, athasisele kuwona uma esehloma ngemubuzo uBrigadier Bongani Gininda okunguye osethula ubufakazi enkantolo.
“Ngizobuza umndeni kaMngomezulu ukuthi asekhona yini, ukuze uma ekhona, awasebenzise,” kusho uMnisi.
Kulindeleke ukuthi uma liqhubeka leli cala ngoJanuwari 20, kuqhubeke u-Adv Zandile Mshololo, ngokupheka ngemibuzo uGininda.
Kuzothi uma eqeda, bese kuthatha uMnisi, amphonse imibuzo esegqoke isigqoko sokumela uSibiya.