UMASIPALA uMsunduzi usunxuse izakhamuzi zilekelele ekuhlanzweni kwedolobha.
Lo masipala usukopele ezweni iRwanda enohlelo olwaziwa nge-Umuganda, lapho kunxuswa khona izakhamuzi ukuba zinikele ngesikhathi sazo, zihlanze izindawo ezihlala kuzo.
Ithula isabelomali salo masipala izolo, iMeya uMnuz Mzimkhulu Thebolla, ithe sebekhathele ukwaziwa njengedolobha elingcolile.
“Udaba lokuhlanzwa kwedolobha udaba esiluqaphile. Esikhathini esidlule sigxekwa yizinhlaka ezeahlukene, njengomasipala sifuna ukukushintsha lokho.”
UThebolla uthe umasipala usanda kutshala uR50 million uthenga izinsiza zokuhlanza idolobha, wathi umehluko usuyabonakala.
Uthe sebeqale uhlelo olwenzeka njalo esontweni lesibili enyangeni, lapho benxusa abantu ukuba banikele ngesikhathi sabo ekuhlanzeni idolobha.
Kule sabelomali, uThebolla umemezele ukunyuka kwamanzi nogesi.
Ugesi uzonyuka ngo-14.59% kanti amanzi azokwenyuka ngo-7%.
UThebolla uthe akukho abebengakwenza ukugwema ukunyuka kwamanzi nogesi ngoba inani lokunyuka kwako lilawulwa inhlangano ehlinzeka ngamanzi, Umgeni Water kanye nelawula ugesi iNational Energy Regulator of SA.
UThebolla uphinde wamemezela ushwele kulabo abakweleta umasipala.
Ngeke kube khona nzalo ezikweletini ezisukela ku-Ephreli 1, kanti labo abakweletayo bazolulelwa isikhathi sokuthi bakhokhe.
“Lokhu sikwenzele ukwehlisa emahlombe umthwalo kwizakhamuzi ezikhahlanyezwe ukubheduka kweCorona.”
Amaqembu aphikisayo asigxekile isabelomali, akhala ngokuthi ukunyuswa kukagesi namanzi, kuzokhahlameza abahlwempu.
Ohola inguyazana ye-DA kulo mkhandlu, uMnuz Sibongiseni Majola, uthe isizathu esenza umasipala ugcine usuphoqeleka ukuthi unyuse ugesi namanzi wukuthi uyahluleka ukulandela abangazikhokheli izinsiza zikamasipala.
“Kunombiko esawuthola okhombisa ukuthi kwabangu-34 000 abafakelwa ugesi eVulindlela, bangu-11 000 kuphela abathenga ikhadi likagesi. Lokho kukhombisa ukuthi abantu abangu-24 000 bayazitamuzela nje ugesi wamahhala.”
Ohola inguyazana ye-IFP, uMnuz Thinasonke Ntombela, uthe inkinga enkulu ukuthi bancane kakhulu abantu abakhokhela izinsiza zikamasipala kukhona abangazikhokheli.
“Kushaywa edonsayo. Abakhokhayo bagcina befela izono zalabo abangakhokhi.”