INCWADI ebhalwe yiBambabukhosi elisanda kukhothama iNdlovukazi uMantfombi Shiyiwe Mantfombi Dlamini Zulu isicacisile ngokuqokwa kukaMntwana uMisuzulu Zulu njengeSilo esizolandela.
Lokhu kumenyezelwe ngu-Advocate Madoda Griffiths Madonsela efunda incwadi yamafa eshiywe yiNdlovukazi namhlanje kusihlwa.
UMisuzulu (46) uyindodana yokuqala yeMbube uGoodwill Zwelithini neNdlovukazi.
Kuvele ukuthi yiSilo esaqoka iNdlovukazi uMantfombi encwadini yefa eyalotshwa ngo-2016 ukuthi athathe ubukhosi uma sesikhothama. INdlovukazi ibe isiziqokela uMntwana uMisuzulu ngoMashi nonyaka ukuthi kube nguye ozoba yiSilo esilandelayo.
“Uma engaphumeleli uMntwana uMisuzulu, ngibeka noma iyiphi enye indodana yami ukuthi ithathe isihlalo sobukhosi. Amadodana ami azokhetha ngokuvota phakathi kwawo ukuthi ngubani ofanele ukuba sesihlalweni,” kuso incwadi yamafa.
Ngemuva kwalesi simemezelo nokufundwa kwefa kusuke umsindo kulo mhlangano buhanjelwe abantwana bonke kanye namanye amalungu omndeni kubangwa yona indaba yefa kwakhishwa abezindaba Kwakhangelamakengana.
Umsindo ususwe wuMntwana uThokozani ophakame kusanda kuphothulwa ukwethulwa kwencwadi yefa esola iBambabukhosi ngokuhluleka ukwenza umsebenzi abewubekelwe... Udaba oluphelele kwiSolezwe NgoMgqibelo.