USHAYE adume ngazo umdwebi wosaziwayo uRasta, ngokupha uDkt Mpho Phalatse obeyimeya yaseGoli, isithombe somdwebo.
URasta ogama lakhe langempela uLebane Serenje, unikeze intokazi umthobanhliziyo womdwebo wesithombe ngemva kokuba ihlulwe wuzakwabo ngempelasonto embangweni wesikhundla sokuhola iqembu, iDA.
UDkt Phalatse ubegaqele isikhundla ebangisana noMnuz John Steenhuisen, obefuna ukubuyela kuso ihlandla lesibili.
Ekhuluma nabezindaba emuva kokumenyezelwa kwemiphumela eGallagher Convention Centre eMidrand eGauteng, uDkt Phalatse uthe ngeke afane nabanye abaholi abalaxaza iqembu ngoba bengakhethwanga.
“Angiyi ndawo, anginaso isikhathi sokudlala. Amalungu eDA uma evota, awabuki ngeso lobuhlanga, abuka amava omuntu bese emvotela,” kubeka uDkt Phalatse.
UDkt Phalatse ubephendula abezindaba emuva kokukhala kwabathize ukuthi iqembu lishiya ngaphandle abohlanga.
“Engqungqutheleni ezayo uma nginikezwa ithuba, ngizowungenela umbango wokuhola iqembu ngoba ngikholelwa ekutheni kumele libe nobuholi obuqinile.”