BAZOJEZISWA kanzima osonkontileka abaqala imisebenzi bangayiqedi.
Lokhu kudalulwe nguMphathiswa wezeMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda KwaZulu-Natal, uMnuz Martin Meyer.
Ukusho lokhu izolo ngesikhathi kuvulwa ngokusemthethweni isakhiwo sesifunda iLembe esisekhoneni lomgwaqo uTownview noSaunders KwaDukuza esakhiwe ngo-R63 million.
Kulesi sakhiwo kuzoba namahhovisi okuzokwenziwa kuwo imisebenzi eyehlukene yesiFunda iLembe.
Kuvele ukuthi angu-32 esewonke amahhovisi angaphakathi kulesi sakhiwo.
UMeyer uthe selokhu engenile ehhovisi lakhe kulezi zinsuku ezingu-100, uthole izikhalo eziningi mayelana nezakhiwo ezingaphothulwa ngenxa yengwadla yosonkontileka abaqala umsebenzi bangawuqedi.
"NjengoMnyango wezeMisebenzi yoMphakathi sifuna ukuqinisekisa ukuthi siyayiqeda indaba yosonkotileka abangazimisele ngokusebenza,'' usho kanje.
Uthe bonke osonkontileka abake banikezwa umsebenzi bangawuphothula bazofakwa ohlwini lwabangasebenzi kahle futhi bangabe besanikezwa eminye imisebenzi ngokulandelayo.
Uthe uma befuna ukusiphosela inselelo leso sinqumo alikho icala ngokwenza kanjalo kodwa wathi okumqoka ukuqinisekisa ukuthi izakhiwo ziyaphothulwa.
UMeyer udalule nokuthi uhlela ukuba nohlelo olukhuthaza ukunikeza abesifazane ithuba lokuthi bangene emkhakheni wezokwakha.
Lokhu ubekusho ngemuva kokuvela kokuthi isakhiwo ebesivulwa sakhiwe yinkontileka yowesifazane wakuyona le ndawo.
"Lokhu kuveza ngokusobala ukuthi abantu besifazane bayakwazi ukusebenza uma benikezwa ithuba,'' echaza.
USomlomo woMkhandlu waKwaDukuza uNkk Dolly Govender, uthe baningi abantu abathole amathuba omsebenzi ngokuvulwa kwalawa mahhovisi.