UKWAZISANA kwamalungu omphakathi nobuntu, kungaba yikhambi elingcono ekunqandeni isihlava esibukeka sibhebhetheka, okungesokubulawa kwezingane ngesihluku.
Lokhu kushiwo umsunguli wenhlangano engenzi nzuzo ebhekelele ukuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane KwaZulu-Natal, Uthingo Crisis Centre, uNksz S’bo Ngcobo.
Lokhu kulandela izigameko zokubulawa kwezingane ngendlela ehlasimulisa umzimba. Esigamekweni sakamuva, izicubu zomzimba okuyikhanda nomlenze okukholakala ukuthi ngokukaPhilasande Shange (7) waseNtshawini, KwaDukuza, zitholwe zithukuswe emhosheni ososebeni lomfula iNdivana, khona eNtshawini ngeSonto. Ubeduke ngoLwesine olwedlule, kanti ubegcine ukubonwa ethunywa wumakhelwane u-anyanisi esitolo.
Kwenzeka lesi sigameko nje, bekusanda kubikwa ngokubulawa ngesihluku kukaSenamile Sphengane (6), isidumbu sakhe esitholwe sisontwe intamo salahlwa ehlathini. Ubegcine ukubonakala ngosuku lukaNcibijane ebusuku namanye amalungu omndeni okuthiwa abevakashile.
Kwesinye isigameko, isidumbu sikaMvelo Gumede (5), sitholwe ngoLwesine olwedlule, sintanta echibini lokubhukuda kamakhelwane emva kokuthi kubikwe ukuthi unyamalele. Utholwe ngosuku olulandela abeduke ngalo.
UNksz Ngcobo uthe yize kungeke kugxekwe abazali ngalezi zigameko ngenxa yokuthi zingenzeka kunoma wubani kwazise akekho osuke elindele, kodwa kubalulekile ukuhleze uqaphe ngelokhozi ingane yakho.
“Akumele kuphele imizuzu engu-10 ingane ungayiboni phambi kwamehlo akho, yingakho omama bezingane behlale bememeza, benzela ukuqinisekisa ukuthi izingane zisaphephile.
“Kodwa okukhulu ukuthi siwumphakathi silahlekelwe wubuntu nosiko lokwazi ukuthi ingane yami yingane yakho, uma singalubuyisa izigameko ezifuze lezi zingagwemeka ngoba omunye nomunye uzobe eyiso enganeni yomunye,” usho kanje.
Okhulumela uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Mhlaba Memela, uthe izigameko ezinje ziyashaqisa kakhulu.
“Sihleze sigqugquzela umphakathi ukuthi uqikelele ukuthi izingane ziphephile. Izingane ziyikusasa lezwe, ngakho ukuvumela ukuthi zibulawe ngesihluku esinje yizinswelaboya, siwumphakathi akumele sikuvume.
“Siyanxusa ukuthi kusetshenziswane namaphoyisa ukuqinsekisa ukuthi abenzi bobubi bayabanjwa babhekane nezijeziso ezibafanele,” kusho uMemela.
Uqinisekise ukuthi umnyango usuthumele abasebenzi bawo emndenini wakwaShange KwaDukuza, ukunikeza uxhaso oludingekayo ngalesi sikhathi esinzima, kanti uthe nasemndenini kaSenamile wenze okufanayo kwaze kwabe uyafihlwa eMzimkhulu, ngempelasonto.