IQEMBU i-All African Alliance Movement (AAAM) lithi ilungu layo, iJaji uMogoeng Mogoeng, lisesiguqweni liyathandaza, licela izimpendulo ngegxathu kwezepolitiki.
Kuyaphithiza ezweni njengoba kubhekwe okhethweni okulindeleke ukuthi lube ngesonto elizayo, ngoLwesithathu.
Amehlo abaningi athe njo kuMkhonto Wesizwe Party emuva kokuthi iNkantolo yoMthethosisekelo inqume ukuthi owayengumengameli uJacob Zuma ngeke aye ePhalamende. UZuma ngoDisemba odlule, umemezele ukuthi usehamba ne-MK, akasayingeni indaba ye-ANC.
Emuva kwesinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo bekuchwaza ezinkundleni zokuxhumana, abantu bethi uMogoeng akaphakame ahole i-MK ngoba uZuma akasayi ePhalamende.
Okhulumela i-AAAM, uNksz Glory Matipile, uxoxe neSolezwe ephendula ngokuyamaniswa kukaMogoeng nokuhola i-MK, wathi bayazi ngodaba lokuyamaniswa kukaMogoeng ne-MK kodwa bacela anikwe ithuba.
Uthe akusafanele le ndaba ikhulunyelwe eziko ngoba sekungaba wukwenzela phansi izwe lonke lokho.
“Ubaba usalinde izimpendulo kuNkulunkulu, umatasa uyathandaza, ucela namadlozi omzabalazo wonke - oTambo noWinnie Mandela - ukuthi aphendule. Uyakhumbula ukuthi wayethe uNkulunkulu ofuna abe wumengameli. Khumbula ukuthi ubaba uZuma uwumdlali we-chess nathi ngapha singabadlali bayo,’’ kusho uNksz Matipile.
UMogoeng waziwa njengendoda egxilile kakhulu okholweni, evame ukubonakala ithandaza ijulile.
NgoJanuwari nonyaka, i-AAAM imemezele ukuthi yeseka i-MK okhethweni lwalo nyaka. Phambilini, uMogoeng ubelokhu ethi uNkulunkulu umtshela ukuthi uzoba umengameli wezwe kodwa akwaziwa ukuthi lokhu kuyokwenzeka kanjani.
I-AAAM yethulwe ngo-2022, iholwa abaholi bezenkolo abamemezela ukuthi bafisa uMogoeng abe wumengameli. UMogoeng, odabuka eZeerust, eNorth West, waqokelwa kwesenhloko yamajaji ngoSepthemba 2011, wathatha impesheni ngo-Okthoba 2021.
I-MK ibingakaphumeli obala ngokuthi ngubani ozoyihola ePhalamende emuva kokuthi inkantolo inqande uZuma. Kumanje i-MK inezikhala ezimbili ohlwini lwayo - esikaZuma nesikaMnuz uJabulani Khumalo oxoshiwe eqenjini.
Okhulumela i-MK, uMnuz uNhlamulo Ndhlela, ushayelwe kaningi ucingo ethi umatasa uzobuye ashaye. Uma eshayelwa ubengatholakali.