UMNYANGO wezeMfundo KwaZulu-Natal uphezu kwamalungiselelo okuqasha othisha abasha abangu-2692 abazoqala ukusebenza ngoJanuwari ngonyaka ozayo.
Lokhu kuvezwe wuNgqongqoshe walomnyango kulesi sifundazwe, uMnuz Kwazi Mshengu.
Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba, uMnuz Mshengu uthe benze konke okusemandleni ukuzama ukubhekelela ukuqashwa kothisha abasha yize noma umnyango unezinkinga zezimali.
"UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal ukwazile ukukhangisa izikhala ezingu-2692. Kulezi zikhala ezingu-1757 sezigcwalisiwe, ezisele zizogcwaliswa ngaphambi kokuvalwa kwezikole ngoDisemba. Kanti bonke abaqashiwe bazoqala ukusebenza ngoJanuwari," kusho uMnuz Mshengu.
UMnuz Mshengu uthe cishe wonke lo nyaka uMnyango wakhe awukwazanga ukuqasha othisha ngokugcwele.
Uthe kuqashwe kuphela othisha abangu-643, nakhona baqashwe ngenkontileka ukuba bagcwalise izikhala ebezibalulekile kakhulu.
Uthe okunye okwenzekile ngenxa yokuncishiswa kwebhajethi ukuthi umnyango awukwazanga ukuqasha othisha ababambela labo abasuke besezikhundleni kodwa bebambile.
"Othisha abebethathe umhlabakhefu wokugula kuphela okuqashwe abebezobabambela. Umnyango uvame ukuqasha othisha abalinganiselwa ku-300 ngenyanga ababambayo. Umnyango usungule uhlelo olubizwa ngeHR Recruitment App ngonyaka odlule evumela othishanhloko ukuthi bakwazi ukusheshe baveze uma kunezikhala ezikoleni zabo. Kusukela ngawo unyaka odlule umnyango wethule uhlelo lwe-ICT lapho kunikezwa khona othishanhloko ngama-tablet. Lama-tablet abasiza ekwenzeni umsebenzi wesikole wasehhovisi," kusho uMnuz Mshengu.
Uthe bayazibophezela ukuthi ikilasi nekilasi kufanele libe nothisha.