UMNYANGO wezaseKhaya ugqugquzele abantu ukuthi bathumele iziphakamiso zabo ephepheni lemishado elihlongoza ukuthi nabesifazane bavunyelwe ukuthatha isithembu.
Kuleli phepha kuhlongozwa nokuthi abantu abaneminyaka ewu-16 banqatshelwe ukushada.
Kufanele abashadayo babe neminyaka ewu-18 kuya phezulu futhi kube yibo abazivumelayo ukuthi bafuna ukushada hhayi ukuthi bavunyelwe ngabazali babo.
UMqondisi Jikelele woMyango wezaseKhaya, uMnuz Thulani Mavuso, uthe okwamanje awukho umthetho oshaywe wumnyango mayelana nesithembu sabesifazane kodwa yisiphakamiso esenziwe ngabanye abantu.
“Okwamanje sisahambela izifundazwe ezihlukene ukuthola imibono yabantu kuleli phepha elikhuluma ngemishado yaseNingizimu Afrika. Akukho esesikushintshile. Akusithina esithi abesifazane abathathe isithembu kodwa wumbono obekwa ngabathize. Siyacela umphakathi uthumele iziphakamiso zawo ngalolu daba ukuze sizohlanganisa zonke iziphakamiso bese sizithumela ePhalamende,” kusho uMavuso.
Uthe iphepha le mishado (Green paper on Marriages in South Africa), lihlongoza ukuthi yonke imishado ithathwe njengesemthethweni futhi abantu babe namalungelo afanayo.
Ngokomthetho okhona njengamanje, isithembu esibonakala sisemthethweni ngesabantu abamnyama. EsamaSulumane, amaJuda, abenkolo yakwaShembe, amaKhoiSan nemishado yesintu yabantu abangesizo izakhamizi zakuleli ayithathwa njengesemthethweni.
Kulo mthetho ohlongozwayo kuzoshintsha lokhu.
Kuhlongozwa nokuthi abantu abaneminyaka ewu-16 banqatshelwe ukushada.
UNkk Rittah Monama woMnyango wezaseKhaya, uthe lokhu kwenziwa wukuthi abantu abangaphansi kweminyaka ewu-18 bathathwa njengezingane.
UMnuz Rafeek Hassen we-Islamic Interfaith Research Institute (IIFRI) uthe abaneme neze ngesiphakamiso sokuthi abaneminyaka engaphansi kuka-18 banqatshelwe ukushada ngoba uhulumeni uyabavumela ukuthi baye ocansini, babe namalayisensi nokunye.
Amazwi akhe enanelwe nguMnuz Ashwin Trikamjee weSouth African Hindu Maha Sabha, oveze ukuthi usiko nenkolo yezinhlanga ezihlukene zakuleli luyavuma ukuthi abaneminyaka ewu-16 bashade ngakho uhulumeni akakwazi ukunqaba lokho.
Uthe akekho ophoqwayo ukuthi ashade, abasuke beshada bayavuma bese beshadiswa.
UDkt Mathew Dumakude we-Authority of Christ Ministries uthe uyajabula ukuthi uMnyango wezaseKhaya ubanike ithuba lokuphawula ngezinguquko ezihlongozwayo emthethweni owengamele imishado.
Uye wabuza ukuthi ngabe kufanele yini ashadiswe umuntu osegulela ukufa uma kuwukuthi ufisa ukwenza lokho?
Uthe kufanele iziphakamiso zibukwe ngeso elibanzi ngaphambi kokuthi uhulumeni aphasise umthetho.
UMavuso uthe okwamanje bazoqoqa iziphakamiso zabantu bese bezihlanganisa zonke. Uma seziqoqiwe zizothunyelwa ePhalamende nguNgqongqoshe woMnyango wezaseKhaya uDkt Aaron Motsoaledi lapho zizodingidwa kubuye kuvulelwe umphakathi ithuba lokuphawula. Uthe kuzolandelwa zonke izigaba ngaphambi kokuthi kube nezinguquko ezithile emthethweni owengamele imishado.
Iziphakamiso zithunyelwa ku [email protected]