LILOLIWE izembe kwiMeya kaMasipala waseMvoti, uMnuz Philani Mavundla, njengoba uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, usubize umhlangano ozolalela isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bakhe.
Umhlangano uzokuba ngoLwesibili, uzophinde ulalele isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaSomlomo womkhandlu, uMnuz Mfundo Masondo.
Lo mhlangano kwakuhlelwe ukuthi ube ngoLwesihlanu kodwa wabuye wahlehliswa.
Isolezwe libone incwadi yephini lomqondisi jikelele obhekelele ezohulumeni basekhaya, uMnuz Madoda Khathide, eyazisa amakhansela omkhandlu ngomhlangano ozobanjelwa ehholo ledolobha, eMdlovane.
UKhathide ubize umhlangano wakusasa emva kokuthi amakhansela omkhandlu ebhalele uMphathiswa uNkk Bongi Sithole-Moloi, ekhala ngokuthi uMasondo uyenqaba ukuhlalisa umhlangano.
Imihlangano yokukhipha ubuholi bemikhandlu ehlaliswa umnyango ijwayele ukuba nezigameko zodlame.
Kule ncwadi, uKhathide uveze ukuthi ezokuphepha zizokube ziqinile emhlanganweni.
“Izikhali azivumelekile emhlanganweni. Sizothatha izinyathelo ezifanele ukuze siqinisekise ukuphepha. Lokhu sikwenzela ukuqiniskisa ukuphepha kwempahla yomkhandlu nokuvimba noma yini enganzeka okubalwa kuyo nokufa kwabantu.”
Okhulumela umnyango, uMnuz Siboniso Mngadi, uyiqinisekisile le ncwadi.
UMavundla noMasondo bangamakhansela e-ABC.
Bathola lezi zikhundla ngonyaka owedlule, emva kokuthi i-ABC ilaxaze i-IFP emkhandlwini, yaqoma i-ANC.
Mumva nje, i-ABC isijikelene ne-ANC njengoba i-ANC isihlangene ne-IFP, baphakamisa ukuthi uMavundla noMasondo bakhishwe ezikhundleni.
UMavundla uyigxekile imizamo yokumkhipha esikhundleni, wathi isiphakamiso sokumkhipha emandleni asikho emthethweni.
“Ingakho sekuthathe isikhathi ukuthi kubizwe umhlangano. Kodwa ke ngoLwesibili kuthiwa umhlangano uzohlala. Siwulindile ke lowo mhlangano. Esikuqaphelayo ukuthi i-ANC isebenzisana ne-IFP. Akukho lapho besebenzisana khona. Sijahile ke ukuwubona umshado wabo ukuthi uzohamba kanjani.”
UMavundla uthe uzondelwa ukuthi ufuna iKwaZulu-Natal ithole uzimele geqe.
I-IFP inezihlalo ezingu-10, i-ANC ineziyisishiyagalolunye, i-ABC yona ineziyisikhombisa.
Akucaci ukuthi I-IFP ne-ANC bazokwabelana kanjani izikhundla uma isiphakamiso sabo siphumelela.
Umthombo osondelene nodaba uthe isiphakamiso esikhona esokuthi elinye iqembu lithathe isikhundla sobumeya, bese kuthi elinye lithole esephini lemeya nesikasomlomo.
Njengamanje i-ANC iphethe isikhundla sephini lemeya, esiphethwe uNkk Ntombi Ngubane.