UBESEZINHLELWENI zomshado owasebukhosini bakwaTembe, uMxolisi Siboniso Tembe, oshone engozini yemoto eyenzeke eMandeni.
UMxolisi ubesanda kuzishaya zaphelela ekhweni lakhe kwaGumede, bese kufanele ashadelwe zingakapheli izinyanga eziyisithupha.
Lezi zindaba zivezwe okhulumela umndeni, uMnuz Mahlathi Tembe.
UMxolisi uyindodana yomfowabo weNkosi uMabhudu Israel Tembe. Uyise akasekho emhlabeni.
Uphangalale emva kwengozi emehlele ehamba nomngani wakhe, uMnuz Sihle Mthembu, naye oshonile.
UMahlathi uthe ngenyanga edlule uMxolisi ulobole waphinde wambesa ingoduso yakhe, uNksz Sanelisiwe Gumede, wakwaMsane, eMtuba.
"Indodana yomfowethu yenza isimanga. Yalobola yaqeda. Kuhlale kuthiwa umfazi akaqedwa kodwa yena wazishaya zaphelela. Wabe esephinda embesa futhi,wenza nesethembiso somshado."
UMahlathi uthe umshado ubuzolandela maduze, wathi usuku belungakabekwa.
"Ngokwenkolo yethu uyaye unikezwe izinyanga eziyisithupha ukuba ushade emva kokwenza isethembiso sokushada."
UMahlathi uthe uMxolisi ushone eya emshadweni obukamakhelwane, kwaMaphanga.
"Kukhona iqhaza abezolibamba naye emshadweni noma ngingazi kahle ukuthi ubezokwenzani. Emotweni yakhe kutholakale amasudi."
UMahlathi uthe bagqemeke engeqiwa ntwala ngokushona kukaMxolisi.
"Abazali abasekho. Uyena obeseyinsika, konke bekubheke yena. Bese kuthenjelwe kuyena ukuba avuse ikhaya. Asazi ukuthi sizokwenzenjani ngempela."
UMahlathi uthe uMxolisi ubengumuntu onomoya ophansi.
"Bayaye bathi isitsha esihle kasidleli. Ngihlale naye isikhathi eside eThekwini. Angikhumbuli kukhona okubi okubikwayo ngaye."
UMahlathi uthe naye wacishe wabandakanyeka kule ngozi ethathe uMxolisi noMthembu.
"Ngokwejwayelekile uma siya ekhaya siyaye sisebenzise imoto yakhe. Kulokhu ngavele nganquma ukuhamba ngeyami. Mhlawumbe ngabe nami angikho."
UMahlathi uthe bebengakawaphothuli amalungiselelo omngcwabo.
"Nawe uyazi ukuthi kusafanele silinde ukuhlolwa kwesidumbu. Lizohamba ithimba kusasa (namhlanje) liyobheka."
UMxolisi, obeneziqu ze-Electrical Engineering, wafunda iminyaka emibili esikhungweni esise-India.
Ubesebenzela inkampani elungisa ama-lift, i-Otis.
UMphathiswa wezokuThutha KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma, udlulise amazwi enduduzo ebukhosini bakwaTembe.
"Sizwelana nabakwaTembe, sifisa ukuthi uNkulunkulu abe nabo kulesi sikhathi esinzima ababhekene naso."
UDuma uphinde wadlulisa amazwi enduduzo emindenini yabantu abayisihlanu abashone engozini eyenzeke eCato Ridge, ngeSonto.
Ngokwemibiko laba bantu abahlanu bashone bephuthumisa ilungu lomdeni esibhedlela.