UMNYANGO wezokuThutha KwaZulu-Natal ufuna ukunciphisa izibalo zezingozi zomgwaqo zamaholidi kakhisimusi ngo-5% esifundazweni.
Lokhu kudalulwe nguMphathiswa womnyango, uMnuz Siboniso Duma izolo eVan Reenen’s Pass, ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni umkhankaso wezokuphepha emgwaqweni ngamaholidi.
UDuma uthe, bathe uma bebuka izibalo zeminyaka emibili edlule u-2022/2023 no-2023/2024, babona ukuthi zakhombisa ukwenyuka.
Uthe ngo-2022/2023, kwaba nezingozi ezingu-201, ezadlula nemiphefumullo yabantu abangu-240.
Kwathi ngo-2023/2024 kwaba nezingozi ezingu-206, ezadlula nemiphefumulo yabangu-250.
“Lokhu kusho ukunyuka kwesibalo ngo-2.49% ngo-2022/2023 uma uqhathanisa nonyaka ongaphambi kwalowo, kwathi ngonyaka odlule, sanyuka ngo-4.17% uma uqhathanisa nesangonyaka ongaphambi kwalowo,” kusho uDuma.
Uqhube wathi ngokocwaningo lwabo, bathole ukuthi izingozi ezinyantisa igazi zenzeka phakathi kuka-6 ekuseni kuya ku-10 ekuseni, ziphinde zenzeke phakathi kuka-7 ebusuku kuya ku-1 entathakusa.
Uthe kuzo zonke, imbangela kusuke kuwukugijima ngesivinini eseqile, ukushayela uphuzile, ukukhathala nokuhamba ngezimoto ezingekho esimweni esikahle.
Udalule ukuthi angu-2 745 amaphoyisa azotshalwa ezindaweni ezehlukene zesifundazwe bese kwengezwa izimoto zawo ezingu-808.
“Usuku nosuku sizobe sisemgwaqweni, sinkanise ikhona, nekhona ukuqinisekisa ukuthi imithetho yomgwaqo iyahlonishwa,” kuxwayisa uDuma.
Uveze nokuthi eVan Reenen’s Pass, bazoba nesiteshi samaphoyisa esingumahamba nendlwana ukuqinisekisa ukuthi ezokuphepha zisezingeni eliphezulu.
UDuma uqhube wathi babonile ukuthi ziningi izingozi ezenzeka kule ndawo, okuthi uma sezenzekile, kube nzima ukuthi amaphoyisa asheshe afike khona.
“Yingakho sibone ukuthi akuvele kube khona isiteshi esingumahamba nendlwana esizosibeka kule ndawo ukuze uma kwenzeka ingozi, amaphoyisa asheshe afike ngoba azobe esuka eduzane,” kusho uDuma.
Uthe nyakenye kwashona abangu-14 eVan Reenen’s Pass ezingozini, wathi okunye okudala lokhu ukuthi lo mgwaqo uvele ube nesiminyaminya sezimoto eziningi ezihamba kuwo ngamaholidi.
Wexwayise ngokuthi bazoba nanezivimba mgwaqo ezindaweni ezehlukene, wanxusa abasebenzisa umgwaqo ukuthi baziphathe kahle, bayihloniphe imithetho yomgwaqo, kungenjalo, bazolutheza olunenkume.