UNDUNANKULU kaZulu, uMntwana wakwaPhindangene, uMangosuthu Buthelezi, usedlulise amazwi enduduzo ngokudlula emhlabeni kukaNdlunkulu wesizwe saMaRharhabe,e-Eastern Cape, uMntwana uNomusa KaBhekuzulu "Noloyiso" Sandile.
UNdlunkulu (56), obesebambe ubukhosi baMaRharhabe selokhu kwakhothama iNgonyama, uMaxhoba Sandile, ukhothamele esibhedlela saseMdantsane, e-Eastern Cape, iCecil Makhiwane ngoLwesithathu ngezithuba zabo1.30 emini.
Oyinhloko yehhovisi leNdlovukazi, uBanzi Tyali, uthe ibulawe yisifo esihlobene neCovid-19.
Indlovukazi ibingudadewabo weSilo Samabandla futhi iyiZinyane leSilo esesakhothama uBhusha (Cyprian Bhekuzulu kaSolomon).
UMntwana waKwaPhindangene uthe ushayelwe yiSilo Samabandla ucingo ngoLwesibili, simbikela ngokuhlaselwa ukugula eNdlunkulu.
"ISilo sangibikela ukuthi udadewabo uMntwana uThembi kaBhekuzulu owendele kwaNdlovu ulele esibhedlela ngenxa yobuhlungu"
"Kwake kwethukeka sengathi yilo leli gciwane lobhubhane ukhuvethe (Covid-19). Kanti cha odokotela bathi akuyikho. ISilo siqhubekile sangazisa ukuthi okwethusayo ukuthi nomunye udadewabo, uMntwana uNomusa ozalwa yiSilo esimzalayo uBhusha, eNdlovukazini okuyiyo yodwa esasele eNdlunkulu eyayigane iSilo sakwaKhethomthandayo, Indlunkulu uMaZungu, usengenwe yilo leli gciwane lwalolu khuvethe lwayo lemikhovu engu-19 (Covid-19)".
"Kuthe emini ngoLwesithathu ngacosha umlayezo weNdlunkulu yakwaLinduzulu, Indlunkulu uMaNdlovu ithi kangisondele eSigodlweni kwaLinduzulu sekuvele okunzima osekudinga mina ngoba sekwedlule emhlabeni udadewabo weSilo uMntwana uNomusa kaBhekuzulu, obendele esizweni sasemaXhoseni samaRharhabe, obesekunguyena obambele uMntwana wakhe esikhundleni sobuKumkani bamaRharhabe," kusho uMntwana wakwaPhindangene esitatimendeni asithumelele imithobo yezindaba.
Nempela uthi ufikile eSigodlweni saqinisekisa iSilo ukuthi udadewabo njengoba besimbikele ngayizolo usedlulile emhlabeni, wathwathwa yigciwane lwe-Covid-19.
"Kungukudabuka okukhulu ukwazisa isizwe ngalelifu elimnyama eselengeme uBukhosi bukaZulu noBukhosi bamaRharhabe ngalesi sikhathi".
"Sidlulele KwaDlamahlahla neSilo ukuyokhalela iNdlovukazi uMaZungu ngenxa yesimo esikhona kukhulunywe ngeshwa lwale mithetho ekhona yalolu khuvethe. Ngahamba nami kungakacaci ukuthi ikhona yini into engenziwa ukuba kube khona abathunywa yiSilo njengoba kukhona le migoqo ekhona ngemingcwabo efanele futhi yenzeke ezinsukwini ezintathu," kuphetha uMntwana wakwaPhindangene.