OSEMBANGWENI wesihlalo sobukhosi bukaZulu, uMntwana uSimakade Jackson kaZwelithini, uhoxise uhambo lwakhe lokuyohlanganisa amehlo nomndeni kandunankulu kaZulu okhotheme, iNkosi uMangosuthu Buthelezi, emva kokuthi lo mndeni uphikile ukuthi uyiSilo.
UMntwana uSimakade owenza umcimbi wokungena esibayeni ngonyaka owedlule ubehlele ukuyobhonga emswanini KwaPhindangene, izolo.
Ube eselihoxisa lolu hambo emva kokuthi ibambabukhosi esizweni sakwaButhelezi, uMpikayise Buthelezi, lithe sisodwa iSilo KwaZulu.
Lokhu ukusho ngesikhathi iSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini sihambele KwaPhindangene, ngoMsombuluko, lapho sifike sakhalisa umndeni, saphinda sagezwa njengoba besisebenza eduze noButhelezi.
UButhelezi ubekhuluma kanjena nje, iHhovisi likaMntwana uSimakade belikade limemezele ukuthi uzokuya KwaPhindangene, izolo.
UMpikayise uthe uMntwana uSimakade engeza naye ukuzokhalisa umndeni kodwa waxwayisa ngokuthi angalindeli ukuthi bazomemukela njengeSilo.
“Sisodwa iSilo KwaZulu. Siyabonga Silo esikhulu ukuthi ufikile wazokhalisa umndeni emva kokukhothama kwenkosi yakwaButhelezi. Abanye abazofika sizobamukela njengabantwana nje kanjalo nezingane zeSilo esibuzile noBhusha. Bazobe bengelutho ngaphandle kokuba abantwana.”
Emva kwale nkulumo iHhovisi likaMntwana uSimakade limemezele ukuthi angeke esaya KwaPhindangene.
IHhovisi likaMntwana uSimakade lithe uhoxise uhambo lwakhe ngoba nakhu efuna ukugwema ukuthi kube nokuhilizisana kwaPhindangene.
“Kuyishwa ukuthi akasezukukwazi ukuyodlulisa amazwi enduduzo KwaPhindangene. Ukuhoxiswa kohambo kuza emva kwamazwi ebambabukhosi, la mazwi aphambene nesintu. Ngokwesintu umndeni uyahlangana ukududuzana uphinde uhlambulukelane ngamaphutha athweswa loyo osuke edlulile emhlabeni. Ngokwesintu ukuhlambulukelana kubalulekile ukuze umoya waloyo ongasekho uthole ukuphumula.”
Yize ehoxise uhambo lwakhe uMntwana uSimakade uthe usazimisele ngokuthi kube nokubuyisana, wabalula nokuthi waze wathumela amazwi enduduzo emva kokumenyezelwa kwezindaba zokukhothama kukaButhelezi.
Abeseka uMntwana uSimakade bebenobudlelwano obungebuhle noButhelezi njengoba bebehlezi bemgxeka ezithangamini zabezindaba.
UButhelezi ungomunye wabantu abebemangalelwe uMntwana uSimakade ecaleni lombango wesihlalo sobukhosi bukaZulu elizongena eNkantolo eNkulu ePitoli, ngenyanga ezayo.
Leli cala liphonsela inselelo isinqumo sikaMengameli, uMnuz Cyril Ramaphosa, sokuvuma ukuqokwa kweSilo uMisuzulu.