OMUNYE wabasembangweni wesihlalo sobukhosi bukaZulu, uMntwana uSimakade Zulu, ufuna kumiswe amalungiselelo okugcotshwa kweSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini.
UMntwana uSimakade ufuna amalungiselelo amiswe ngenxa yokuthi uhlela ukuphonsela inselelo isinqumo sikaMengameli Cyril Ramaphosa, sokuvuma ukuqokwa kweSilo.
Lokhu kuvela encwadini ebhalwe ngabameli bakhe lapho enxusa bonke abayingxenye yamalungiselelo okugcotshwa kweSilo ukuthi bame kancane ngamalungiselelo.
Incwadi ibhekiswe kubameli boMbuso, abamele uRamaphosa, uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uDkt Nkosazana Dlamini Zuma, uhulumeni waKwaZulu-Natal nabamele iSilo.
Encwadini uMntwana uSimakade ubuye aveze ukuthi uhlela ukuba yingxenye yabaphonsela inselelo isinqumo seNkantolo eNkulu eMgungundlovu, esigunyaza ukuqokwa kweSilo.
Isolezwe liyibonile incwadi lapho uMntwana uSimakade uveza futhi ukuthi wuyena ofanelwe wukungena esihlalweni seSilo esesakhothama, uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu.
“Esimmele ukubeka kucace ukuthi nguyena ofanelwe yisihlalo sobukhosi, nokuthi akuzange kulandelwe imithetho ngesikhathi kuqokwa ozongena esihlalweni.
“Njengamanje sisalinde ukuthi umengameli asinike izizathu ezenza wavuma ukuqokwa kweSilo. Inhloso yethu wukuphonsela inselelo isinqumo sikamengameli.’’
UMntwana uSimakade uthe bazokuya kofuna isivimbelo senkantolo uma bengayitholi impendulo ezibophezelayo ukuthi kuzomiswa amalungiselelo okugcotshwa kweSilo.
“Akusiyona inhloso yethu ukubambezela lolu daba futhi sizimisele ukuthi luxazululwe ngokushesha.
“Siyathemba ukuthi ngeke kuze kufike lapho kuzosiphoqa khona ukuthi siye enkantolo.”
Ummeli weSilo, uMnuz Musa Ntsibande, ukuqinisekisile ukuthi bayitholile incwadi, basayicubungula.
“Indlunkulu izokhipha isitatimende esizoqhamuka kuNdunankulu kaZulu (uMntwana Mangosuthu Buthelezi) ngesikhathi esifanele.
“Thina singabameli akukho okusithusayo ngoba iJaji (Mjabuliseni Isaac) Madondo lakusho ukuthi uMntwana uSimakade kasimfanele isihlalo ngesikhathi lethula isinqumo salo.”
Okhulumela ihhovisi likamengameli, uMnuz Tyrone Seale, akazange ayiphendule imibuzo.
Khonamanjalo, kuvela ukuthi ayaqhubeka amalungiselelo okugcotshwa kweSilo.
NgoMsombuluko ikomiti elihlela ukugcotshwa kweSilo lihlangane nethimba likahulumeni.
Ethimbeni bekukhona uDkt Dlamini Zuma, uNdunankulu Sihle Zikalala waKwaZulu-Natal, noNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka.
Umthombo obuyingxenye yalo mhlangano uthe abazange baphume nosuku lokugcotshwa kweSilo.
“Ithimba likahulumeni lithe lisazokuya kocela usuku kumengameli. Njengamanje sekusele ngakubona ukuthi basho usuku umengameli azokwazi ukufika ngalo.’’