USUZOLIMA kalula umphakathi wasoThobothini, eJozini oziphilisa ngakho njengoba zingekho izimboni kule ndawo emuva kokunikelelwa ngogandaganda wumasipala wendawo.
NgoLwesihlanu iMeya yaseJozini uMnuz Delani Mabika ihambisana nabanye abaholi balo masipala, inikele ngogandaganda.
Ugandaganda ubuhambisana nembewu nezithombo ezizotshalwa wumphakathi wemifelandawonye eyisishiyagalolunye.
UMabika uthe uhlelo lwemifelandawonye luqeda indlala, luhlomise abantu ngamakhono ebhizinisi ngoba ukudla abakutshalayo abagcini ngokukudla nemindeni yabo kodwa bayakudayisa.
Uthe ugandaganda uzolimela namanye amalungu omphakathi kodwa kuzokhokhwa imali encane ezosiza ukuholela umshayeli nokuthenga udizili.
“Wugandaganda wesithathu lona siwuthenga siwumasipala waseJozini, ukube kuya ngami ngabe uMnyango wezoLimo ubambisana nathi ukuthuthukisa ezolimo ngoba ziyisizinda sezomnotho eJozini. Siyajabula ngokuthi sebekhona abalimi abadayisa izitshalo zabo ezitolo zaseJozini, nathi sizobeseka ngokuthi imikhiqizo yabo igcinwe ezindaweni ezibandayo ukuze ingonakali ngenkathi isalindele ukuthengwa,” kusho uMabika.
.
UNksz Nontobeko Msweli onguSihlalo webhizinisi eliwumfelandawonye elihlomulile, uthe banamalungu angu-17 okugcwele abantu abasha besifazane.
“Siyabonga kumasipala. Saqala umfelandawonye wezolimo ngoba siswele umsebenzi. Siziphilisa ngokulima kule ndawo. Siyajabula ngokuthi ugandaganda siwuthole ngenyanga yabesifazane okukhombisa ukuthi uMasipala uyasikhathalela,” kusho uNksz Msweli.
Ikhansela lendawo uMnuz Lotus Mavundla, lithe selokhu bathola imvume yokusebenzisa amanzi edamu iJozini ngo-2005, belihlale lingaphathekile kahle libona abantu bengalimi.
“Imvume isinika ilungelo lokuchelela amasimu awu-2000 wama-hektha. Okushodayo manje ngukuthola izinjini ezinkulu ezizophampa amanzi ngamandla ukuze sibe nendawo enkulu yokulima. Okwamanje kuzosebenza amanzi esigwedlo,” kusho uMavundla.