UHLUKUMEZEKILE umndeni womfana oneminyaka emihlanu ofuna kuboshwe iphoyisa lomgwaqo okuthiwa ‘libulale’ ngemoto indodana yawo lizitshela ukuthi lishayisa inja.
Umndeni kaS’phokuhle Prince Ndaba, waselokishini iBhekuzulu, eVryheid, uthi kuwuphatha kabi ukubona iphoyisa licanasa ekubeni libulele.
Kuthiwa uS’phokuhle ushone ngoSepthemba 15 emuva kokungeniswa esibhedlela ephuke inqwaba yamalungu omzimba. Ungcwatshwe ngoLwesithathu olwedlule.
Isolezwe libikelwe ukuthi uS’phokuhle wayekade edlala nezinye izingane eduze komuzi okwakufundelwa kuwo kuzoba nomshado kanti uzoshayiswa yimoto eyayishayelwa yiphoyisa lesifazane.
Kuvela ukuthi imoto yamshayisa maqede yamhudula ngesikhathi ewela umgwaqo esebuyela kubo ngabo 6 ntambama.
UNksz Nombulelo Nene, ongumamkhulu kaS’phokuhle, uthe unina wengane uhlezi ekhaya, uhlabe ikhefu lokugula emsebenzini ngenxa yengcindezi elethwa yilesi sehlekalo.
Uthe bafuna ubulungiswa, iphoyisa liboshwe bese liyophendula enkantolo ngokwenzeka.
“Iphoyisa latshela abantu emuva kwesehlakalo ukuthi belingaboni ukuthi yingane eliyishayisile, belithi yinja. Aliboshiwe, liyaqhubeka nokusebenza sengathi akwenzekanga lutho. Njalo uma silibona kuvuka usizi nomunyu,” kusho uNksz Nene ngokudabuka.
Uveze ukuthi ngesikhathi abanye bephuthumise uS’phokuhle esibhedlela, yena nephoyisa baya esiteshini beyobhala isitatimende ngengozi.
Uthi sebesesiteshini, yena wahlaliswa buqamama, iphoyisa nozakwabo bahlala ngemuva kwetafula okubhalwa kulo amacala bezixoxela waze wabuza ukuthi kulindweni kanti?
“Ngaphoqa nokuthi kubizwe ufakazi owabona ingane ishayiswa yiphoyisa ngesikhathi sekubhalwa isitatimende, owafike wasatshiswa yileli phoyisa limbuza ukuthi uzoyimela yini enkantolo le nto ayifakazayo,” kusho uNksz Nene.
Uthi kucwebe iziziba nje, bagcina ukuxhumana namaphoyisa ngesikhathi ebalethela izingubo zikamufi nangesikhathi besemakhazeni.
Udalule nokuthi amaphoyisa awakaze aye ukuyophenya endaweni okwenzeka khona isehlakalo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNatal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, usiqinisekisile isehlakalo sokushayiswa yimoto kushone uS’phokuhle nokuthi amaphoyisa aseVryheid aphenya icala lokubulala ngokungenhloso.
Uthe uma seluphothuliwe uphenyo, idokodo lizobe selithunyelwa enkantolo okuyiyona ezothatha isinqumo ngecala.