SIMUNCU isimo phakathi komndeni womculi we-Afro-soul osanda kudlula emhlabeni, uBulelwa ‘Zahara’ Mkutukana, nesithandwa sakhe, uMpho Xaba, okuthiwa abasabhekani ngenxa yamafa kamufi.
Isolezwe Ngempelasonto lithole ngomthombo walo ukuthi umsindo usuke ngaphambi kwesikhumbuzo somngcwabo salo mculi lapho umndeni wenze imizamo yokuvalela ngaphandle uXaba ekutheni abe yingxenye yezinhlelo zomngcwabo kaZahara ozofihlwa ngoMgqibelo.
Kuthiwa ezinye izinto eziputshukile ukuthi uXaba uzimisele ngokuthi ahlomule nasemafeni kaZahara njengoba kuthiwa ubheke ukuthola umuzi walo mculi osendaweni yomtakabani eRoodepoort abebehlala kuwo naye.
UXaba noZahara bebesanda kuthembisana umshado futhi baba nombhiyozo nabangani ngaphambi kokuhlatshwa wukugula okumlalise esibhedlela wagcina eshonile.
Kuvela ukuthi bekubungazwa indaba ‘yamalobolo kaZahara’ nokuthembisana umshado uXaba aqinisekisa kwabezindaba ukuthi ubuzoba manje ngoDisemba.
Udaba lokuphambana komndeni noXaba kuthiwa yinto eyenzeke njengoba lo mculi eseshonile.
Imenenja kaZahara, u-Oyama Dyosiba, unqabile ukuphawula ngalolu daba. Uthe abantu abangakhuluma yiwona umndeni kaZahara.
Okhulumela umndeni, uNkosi Mkutukana, uthe abathandi ukudingida lolu daba manje ngoba basalungiselela ukungcwaba uZahara.
“Engingakuqinisekisa ukuthi uXaba asimazi thina engumkhwenyana kwaMkutukana. Akukho lobolo esesike salithola livela kuyena. Okwesibili, akashadile noZahara ngeke-ke sixoxe ngodaba lwamafa kaZahara naye. Sicela ukuthi nisinike ithuba njengomndeni ukuthi silungiselele umngcwabo,” kusho uMkutukana
Kuthintwa uXaba, uvele waziqhathulula.
“Ngicela wazi ukuthi angikho esimeni sokuphawula noma yini ngalolu daba,” kusho uXaba ephendula umyalezo kuWhatsApp.
Esenikwa ithuba okwesibili emva kokuphawula komndeni, uthe: “Ngiyabonga ngokungazisa kodwa ngisamile ekutheni ngeke ngiphawule lutho ngalolu daba njengoba ngisazilele ukushona kwesithandwa sami. Kulotsholiwe noma akulotsholiwe lokho akubalulekile,” usho kanje.
Umuzi kaZahara yiwona lo okuthiwa usizwe yi-EFF ukukhokhela isikweletu ayesalele ngaso emuva nesasizokwenza udliwe ngoMeyi nyakenye. Kuthiwa bese kunezitolimende ezimeqile engasakwazi ukuzikhokhela njengoba kuthiwa ubekhokha imali engaphezu kuka-R17 000 ngenyanga.
UZahara, ozakhele udumo ngengoma iLoliwe, ushonele esibhedlela ngoMsombuluko, ngoDisemba 11 eGoli.