UMNDENI wePhoyisa loMkhandlu weTheku elabulawa ufuna athole isijezo sikadilikajele umakoti wawo osanda kuvuma icala lokubulala umyeni wakhe.
UFaith Nongcebo Ntombela usanda kuvuma icala lokubulala uCaptain Zwelakhe Thomas Ntombela owayesebenzela uphiko lwamaPhoyisa oMkhandlu weTheku.
Ubuyela eNkantolo eNkulu yaseScottburgh, okuyilapho okulindeleke khona ukuthi kubhungwe ngesigwebo esimfanele.
Kulindeleke ukuthi ummeli wakhe, uMnuz Ashwin Rughbeer, anxuse inkantolo ukuba ingamnikezi isigwebo esinzima.
Amacala awavuma elokubulala, elokuhlela itulo lokubulala, elokweba isibhamu sikamufi sohlobo lweCZ-Model 70-Semi-Automatic-Pistol nelokuqamba amanga ephoyiseni elalithatha isitatimende ngemuva kwesigameko.
Uvumile ukuthi yaphunza imizamo yakhe yokuzama ukumbulala ngoshevu umufi. Watshela nenkantolo ukuthi kukhona lapho ake ahlela khona netulo lokuthi asoconge omunye wabaphenyi baleli cala.
Umufi wadutshulwa wabulawa esemzini wakhe oseMlaza, kwa-S ngoMeyi 3, nyakenye.
Waphuthunyiswa esibhedlela eSiphingo Medical Towers nokuyilapho okwafike kwamenela khona.
Ngemuva kwalokho, kwaboshwa inkabi eyadubula uSipho Ntombela, eyagwetshwa iminyaka engu-20 ibhadla ejele ngemuva kokuba igonyuluke ngetulo lokubulawa kukamufi, yaveza nokuthi uFaith uyena ungqondongqondo walo.
UFaith wakhalelwa ngamasongo kaSigonyela, wagqigqa enkantolo waze walivuma icala emasontweni edlule, eNkantolo eNkulu yaseScottburgh.
Uveze ukuthi walingwa yinkabi eyesetshwayo esejele, uKhulani Cele eyamthembisa izulu nomhlaba wagcina esejola nayo ezitshela ukuthi uthandana nesikhulu esiphezulu se-ANC, uMnuz Siboniso Duma.
Waveza ukuthi njengoba engumphathi wenkampani esabalalisa ukudla ezikoleni zabaphila nokukhubazeka, iCNgwata (PTY) LTD, lesi sikhulu samthembisa ukuthi sizomsiza ukuthi alithole kalula ithenda lokwenza lo msebenzi.
Waveza ukuthi le nkabi wahlangana nayo ekhasini lika-Facebook ngoMashi 22, nyakenye. Ngokusho kwakhe, wathola eseya kubo KwaMaphumulo ehambise igilosa yokudla ukuthi ujola nenkabi, hhayi uDuma.
Umfowabo kamufi, uMnuz Nkosinathi Ntombela, uthe isigwebo sikadilakajele yisona kanye esingabanikeza ukuthula.
"Kumele ajeze kanzima ngale nto ayenza kumfowethu. Njengomndeni sikholwa ukuthi isigwebo sikadilikajele yisona kanye esimfanele," usho kanje.
Uthe babengakulindele ukuthi umakoti kamfowabo angahlangana nezitha kuhlanganiswe itulo lokubulala umfowabo.
Kuleli cala kubandakanyeka negama likathishanhloko waKwaMaphumulo, uMnuz Sithembiso Khumalo ongaphandle ngebheyili futhi oliphikayo icala.
Namhlanje kulindeleke ukuthi inkantolo ibhunge ngesigwebo okumele sitholwe uFaith.
Lo wesifazane wazakhela udumo ngokuhlezi emamatheka njalo uma evele eNkantolo yeMantshi yaseMlaza.
Wayeswenka aconse futhi ekujabulela nokuthwetshulwa izithombe yizintatheli. Wayeze azicele ukuthi uma zimthwebula mazizinikeze isikhathi esanele ukuze ephepheni ezovela emuhle.
Kukhona lapho ake abuza khona izintatheli ukuthi kungani zingamphatheli iphepha uma zize ecaleni lakhe ukuze naye ezozibona?
Ngokuhamba kwesikhathi, ubengasamamatheki uma efika enkantolo futhi eseluka ekhanda ekubeni wayexhuma izinwele ezinhle ekhanda.
Amacala waqale wawaphika wonke, ethi uqanjelwa amanga. Kwakuthi uma ezovela enkantolo eMlaza, zonke izisebenzi zakule nkantolo ziphume zizomthwebula izithombe njengoba zazibabaza, kwazise naye wayesebenza kuyona le nkantolo.
Enqatshelwa ibheyili ngoDisemba ngonyaka owedlule, wafisela abomndeni wakwaNtombela uKhisimusi omuhle.
Unina wayejwayele ukufika enkantolo ezomeseka kodwa wagcina esengasezi ngoba wayehhahhanyezwa ngabantu ababebhikisha, becula ngaphandle kwenkantolo.
Babehlabelela iculo elithi WeFaith wawutshelwe ngubani ukuthi indoda iyabulawa?