USELE nemibuzo ngelungu lawo elishonele ejele umndeni waseMgungundlovu, othi awanelisekile ngencazelo ngokuholele ekushoneni kwalo.
Umndeni kaThembinkosi Nyathi (25) waseMpolweni, uthe umngcwabe ungakhululekile ngoba akucaci ukuthi wabulawa yini ejele. Uninalume kamufi uMnuz Sakhephi Nyathi, uthe wayegwetshwe ngo-2013 ngecala lokushaya nokugqekeza kanti bese kusele kancane aphume ejele. Uthe waqala waboshelwa eNew Prison kodwa ushonele eSevontein.
“Udadewabo obejwayele ukumvakashela ejele futhi ubengakaze ambikele ukuthi kukhona axabane nabo. Kwafika ojele ekhaya ngoSepthemba 29 bezobika ukuthi uThembinkosi ushone ngayizolo. Basitshela ukuthi bekugwazana iziboshwa ejele, bangacacisa uma sibuza eminye imibuzo ngesigameko. Bathe uma sifuna enye incazelo kumele sikhulume nabaphathi bejele,” kuchaza uNyathi.
Uthe isidumbu basilande ejele ngo-Okthoba 1 kodwa baxakeka uma bengawaboni amanxeba okugwazwa. UNyathi uthe umbiko kadokotela ohlole isidumbu uveza ukuthi walimala ekhanda. “Okubuhlungu, besilindele ukuthi aphume noma yinini umshana ngoba ubesewutholile ushwele. Sisola ukuthi ojele banolwazi ngokubulawa kwakhe. Asikholwa ukuthi wagwazwa isiboshwa,” kusho uNyathi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala uthe kuvulwe idokodo ngokufa komuntu. “NgoSepthemba 28 kwafika umbiko wesibhedlela ngokufa komuntu, amaphoyisa anikela khona. Ngesikhathi efika esibhedlela amaphoyisa akhonjiswa isidumbu sesiboshwa esineminyaka engu-25 kodwa kungabonakali manxeba emzimbeni. Kusalindwe ukutholakala kombiko ogcwele wokuhlolwa kwesidumbu ukuthola ukuthi umufi wabulawa yini.”
UMnuz Thulani Mdluli okhulumela amajele esifundazweni ucele ukuthunyelelwa i-email ngoMsombuluko, ngoLwesibili wathembisa ukuthi bazophendula uma sebecubungule udaba. Kushaye isikhathi sokuloba izolo engakaphenduli.