OMELE i-ActionSA embangweni wesikhundla sikandunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Zwakele Mncwango, ugabisa ngokwenza ikhwelo lokuthi kuphenywe ibheshu eminyangweni kahulumeni wesifundazwe.
UMncwango uthe kusukela ajoyina i-ActionSA ukwazile ukunqanda ukubhubhudlwa kwemali eminyangweni kahulumeni wesifundazwe kanye nakomasipala.
Lokhu ukusho esithangamini nabezindaba, lapho kumenyezelwe igama lozomela i-ActionSA esikhundleni sikandunankulu waKwaZulu-Natal, uma inqoba ukhetho lwangonyaka ozayo.
Isimemezelo sokuthi nguMncwango ozomela i-ActionSA KwaZulu-Natal, senziwe ngumengameli weqembu, uMnuz Herman Mashaba.
UMncwango uthe yize bengenaso isihlalo esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, bakwazile ukubamba iqhaza elibalulekile ekuphathweni kwemali kahulumeni wesifundazwe.
Uthe uyaziqhenya ngokuthi bakwazile ukufaka ingcindezi eholele ekutheni uMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho KwaZulu-Natal, uhoxise uxhaso lwezigidi zemali zokweseka umcimbi wamaSouth African Music Awards (Sama).
UMncwango uthe yibona abaqhumbuza ithumba ngodaba lwethenda yezigidi zamaRandi yokuphakela izikole KwaZulu-Natal.
“Sakwazi ukufaka ingcindezi, nokwagcina kuholela ekutheni kuhoxiswe ithenda. Senza isiqiniseko sokuthi abekho abafundi abangakutholi ukudla.”
UMncwango uthe njengamanje ibambene ngezihluthu noMasipala waseThekwini, babanga udaba lwendle ekapakela olwandle, no-R5 million owakhokhela izindleko zokusingathwa kwengqungquthela ye-ANC Women’s League (ANCWL) KwaZulu-Natal.
Uthe ngeke bavume ukuthi uMasipala waseThekwini, ufihle umbiko wethimba ebeliphenya izinsolo zokuthi bakhokhela izindleko zokusingathwa kwengqungquthela ye-ANCWL.
UMncwango uqhube wathi uma benqoba ukhetho lwangonyaka ozayo, uzoqhubeka nokulwa nenkohlakalo eyenzeka eminyangweni kahulumeni wesifundazwe, nakomasipala.
“Sizokhetha abaholi abathembekile ukuba basimele esiShayamthetho, nasePhalamende. Kubalulekile ukuthi sikhethe abantu abaqotho ukuze sikwazi ukulwa nenkohlakalo.”
UMncwango uthe uzobeka eqhulwini ezemfundo, nezempilo. Wathi bazimisele ngokusebenzisana nawo wonke amaqembu ezepolitiki, ngaphandle kwe-ANC.
“Nginesiqiniseko sokuthi i-ANC izothola amavoti angaphansi kuka-50% lapha KwaZulu-Natal. Into engizoyisho wukuthi angizimisele ngokusebenzisana ne-ANC. Phela kuyaziwa ukuthi i-ANC iyisidleke senkohlakalo. Ngizobaluleka ngokuthi nje abe-ANC bangaze bamoshe isikhathi sabo bengifonela, ngeke ngivume ukusebenzisana nabo.”
USihlalo we-ActionSA uMashaba uncome iqhaza elibanjwe nguMncwango kusukela ejoyine iqembu. Uthe uMncwango ukwazile ukugqamisa i-ActionSA yize imelwe komasipala abathathu kuphela esifundazweni, ingenasihlalo esiShayamthetho.
“Indlela i-ActionSA elwa ngayo ungazi ufunge ukuthi yiyo eyiqembu eliphikisayo ngokusemthethweni.”
UMashaba uthe i-ActionSA ikhombisa ukukhula KwaZulu-Natal, wathi okhethweni lokuchibiyela obelukwaNongoma, baphuma isithathu.