KULOKHU le ngosi ikulethela umlingisi weqophelo eliphezulu osezakhele igama eNingizimu Afrika, uNkanyiso Mchunu. Udume edlala kwiMbewu. Muva nje kade ebonakala edlala indawo kaSmotoza kwiHostela. Ngokuzalwa ungowaseMpendle, eMgungundlovu. UNKOSIKHONA CELE uxoxisane naye kabanzi ngezindaba zenkolo.
NC: Ngabe likhona ibandla okhonza kulona uma likhona yiliphi futhi yiziphi izimfundiso ozithandayo ngalo?
NM: Mina ngiyilungu lebandla lamaNazaretha ohlangothini lwaseBuhleni. Ngiyalithanda leli bandla ngoba lifundisa ngoMvelinqangi.
NC: Ngabe ungumuntu okholelwa kangakanani emandleni omkhuleko?
NM: Ukukutshela iqiniso umkhuleko uyikona konke kweyami impilo. Ngikholwa ukuthi yiwona onginikeza amandla enele okunqoba.
NC: Ngabe sikhona isimo esinzima owake wabhekana naso empilweni yakho uma sikhona yisiphi futhi kwakwenzenjani?
NM: Ziningi izimo esengike ngadlula kuzona kweyami impilo. Okokuqala nje ngazithola sengiba nabantwana ababili ngineminyaka engu-16. Lokho kwaphenduka kwaba yisimo esinzima kimina.
NC: Uma ubheka impilo yakho ngeso elijulile ngabe yiziphi izinto ezidala ukuthi umbonge uNkulunkulu ngaso sonke isikhathi?
NM: Ngithanda ukumbonga uNkulunkulu ngokuthi unginikeze ingqayizivele yethuba lokulingisa nabalingisi asebemnkantshubomvu kubona okubalwa uMenzi Ngubane ongasekho emhlabeni noSiyabonga Thwala.
NC: Uma ucabanga igama elithi: “umusa” kufikani emqondweni wakho?
NC: Kufika ukuthi uNkulunkulu ungenzele umusa ngokuthi namanje ngisaphila.
NC: Eminyakeni emihlanu kumbe ke eyishumi ezayo yini le eyodwa ebalulekile okhulekela ukuthi uyizuze kweyakho impilo?
NM: Ngikhulekela ukuthi uNkulunkulu anginikeze amandla okuthi ngisungule iCasting Agency yami ukuze abalingisi baKwaZulu-Natal bahlale lapha singabibikho isidingo sokuthi baqale phansi baye eGoli.
NC: Njengoba uthi uyilungu lokuqina lebandla lamaNazaretha ngabe yisiphi isihlabelelo osithanda kakhulu saleli bandla?
NM: Ngithanda kakhulu lesi sihlabelelo esithi : Ngakhiwe lapha phezu kwesisekelo.” Siyangibusisa kakhulu.