IZIPHATHIMANDLA zoMkhandlu waseMajuba, eNewcastle, ziphezu kwezinhlelo zokumisa uhlelo lokuvalwa kwenkampani ekhiqiza insimbi, i-Acelor Mittal ngenhloso yokumisa uhlelo lokudilizwa kwabasebenzi abangaphezulu kuka-3 000 abaqashwe yile nkampani.
Likhuluma nabezindaba ibamba leMeya eMajuba, uMnuz Thembelihle Mthembu, lithe umasipala umatasatasa nezingxoxo nohulumeni okuhloswe ngazo ukweseka abantu abaqashwe yile nkampani.
“Sibambisene nohulumeni wesifundazwe kulolu daba nezinye zezinhlaka ezingajklama indima enkulu ekubhekaneni nalesi simo ekutheni kube nezinye izinqumo nezindlela ezingcono kunokuthi kudilizwe abasebenzi.
Uhulumeni kazwelonke ne-Acerlor Mittal South Africa (AMSA) nabo bamatasatasa nezingxoxo okulindeleke ukuthi ziphothulwe emuva kwamasonto ambalwa ezayo. Lesi simo asizoba neze nomthelela omuhle emkhandlwini waseMajuba, yingakho sizinikela ekulekeleleni,” kusho uMthembu.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka odlule, i-Arcelor Mittal yayithe izovala uphiko olukhiqiza insimbi esetshenziswa ezimayini, ekwakhiweni kwamabhuloho, emizileni yezitimela nakwenye intuthuko edinga insimbi eqinile.
UMthembu uthe le mboni ilima indima ebalulekile emnothweni wakuleli, nakosomabhizinisi bendawo.
I-National Union of Metalworkers of South Africa (Numsa), odabeni olukhishwe yileli phephandaba emasontweni edlule, nayo ithe mawehle amaphaphu ebantwini abashaywa wuvalo lokuthi bangase baphelelwe wumsebenzi.
Ithe kudingeka uhulumeni alungise izikhalo zabasebenzi ukuze izohlala ivuliwe inkampani, ingavalwa ngoba akufanele kube nemisebenzi ephelayo.
Phakathi kwamagatsha okuthiwa athinteka kulolu hlelo kubalwa eliseNewcastle, KwaZulu-Natal, noluseVereeniging, eGauteng.
Kulindeleke ukuthi ngoLwesihlanu abasebenzi beNumsa babhikishele ukumiswa kwabasebenzi bale nkampani emahhovisini e- Industrial Development Corporation (IDC) eSandton, eGauteng.