IBHODI loMhlathuze Water liyikhahlela ngazo zombili imibiko yokuthi obeyisikhulu esiphezulu esisabambile, uDkt Simo Lushaba, ushiye kule nhlangano ngoba ezibona engaphephile.
Esitatimendeni esithunyelwe kwabezindaba ngoLwesibili ebusuku, ibhodi loMhlathuze Water likuqinisekisile ukuthi liyitholile incwadi yokusula kukaDkt Lushaba kodwa laphika ukuthi ushiye ngenxa yokusaba osomabhizinisi abafuna umsebenzi ngodli.
“Kufanele kucace ukuthi ngesikhathi eqokwa ngonyaka odlule uDkt Lushaba, sasishilo ukuthi ubambile futhi inkontileka yakhe izophelelwa yisikhathi ngoFebhuwari. Ngempela ibe isiphelelwa yisikhathi yase ilulwa ngezinyanga ezimbili. Akusilo iqiniso ukuthi ushiye ngenxa yezenzo ze-business forum,” kusho ibhodi esitatimendeni.
ULushaba unomlando wokuletha uguquko oluhle ezinhlanganweni aziholayo.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngesonto elidlule i-IOL ishicelele udaba lapho iveze ukuthi kuye kwagasela iqulu lamadoda azibiza ngeKing Cetshwayo Business Forum, athumbe isikhulu esiphezulu nabasebenzi efuna kuhoxiswe ithenda yezokuphepha kaR36 million.
Ibusiness forum ibikhala ngokuthi akuzange kulandelwe imigudu efanele ngesikhathi ithenda yokuqapha ingqalasizinda inikwa enye inkampani.
Kuthiwa abasebenzi bathunjwa ngo-1 emini baze badedelwa ngabo-5.30 ntambama ngoLwesihlanu lokuphela kukaMashi, nakhona badedelwa emuva kwezingxoxo ezathatha isikhathi eside phakathi kwebusiness forum nobuholi boMhlathuze Water.
Emuva kwalesi sigameko kuthiwa ithenda yokuqapha ingqalasizinda ibe isikhangiswa kabusha ngesonto eledlule.