KUSITHELE ilanga izolo amaphoyisa esesitholile isidumbu sowesifazane obese kuphele isikhathi esingangonyaka engaziwa ukuthi washonaphi. Isidumbu salona wesifazane owayekhubazekile ngokomgqondo simbiwe emathuneni aseLangfontein, eMolweni.
Isihlobo sikamufi, okungowesilisa okuthiwa singumfundisi, sikhombe ethuneni likamshana waso, abamfihla kule ndawo ukuthi samfaka kulona uNksz Thuleleni Shabalala (53) owaduka ngonyaka odlule.
Isolezwe lithintwe amalungu omphakathi izolo ekuseni abethukile ngalesi sigameko. Lona wesilisa okuthiwa uhlala nomkakhe nezingane, usolwa ngamacala amabili okubulala izihlobo zasemndenini wakhe ezikhubazekile.
Umthombo weSolezwe uveze ukuthi laba banyamalala ngokushiyana akwangazeka ukuthi kwenzakaleni kubo. Omunye kusolwa ukuthi wambulala wamgqiba egcekeni kwakhe.
Umthombo ulandisa Isolezwe uveze ukuthi izihlobo zaveza ukungenami kwazo ngokunyamalala kwalaba njengoba naye umsolwa wayethi akabazi ekubeni babengaphansi kweso lakhe.
"Uma ebuzwa wayeveza ukuthi akabazi ukuthi bashonaphi. Kula amanye amalungu omndeni anikela khona emaphoyiseni avula icala, kwaphenywa kodwa ubufakazi abangatholakala kwaze kwaba idokodo liyavalwa ngo-Agasti wangonyaka odlule.
"Manje sekulahleka omunye futhi naye ongowesifazane owanikwa yena (umsolwa) ezandleni ephuma esibhedlela eMariannhill, la ayelashwa khona. Kwathi kuzwakala naye akasamazi - kwasolwa ukuthi kukhona okushaya amanzi. Kula beqale khona babiza amaziko ahlukene ezindaba befuna kubuzwe lona wesilisa ngokunyamalala kwezihlobo zakhe nokugcine ngokuthi kufike amaphoyisa azomthatha ngeSonto ekuseni," kusho umthombo.
Uveze ukuthi abakuzwile ukuthi lona wesilisa ngenkathi esahambe namaphoyisa ukuthi isihlobo sakhe sesibili wasingcwaba egcekeni.
"Ngikhuluma nawe nje sisemangcwabeni njengoba esekhombile ukuthi sikuphi isidumbu sokuqala. Kulindeleke siye ekhaya la kuthiwa lona omunye wamgqiba khona. Amaphoyisa asemkhiphile," kuchaza umthombo.
Uthe okubacasula kakhulu ukuthi lona wesilisa ubeqhubeka nokubaholela imali yabo yempesheni.
Ikhansela lendawo, uMnuz Siyabonga Nala, lithe kubathusile ukuvela kwalesi sigameko, lathi kodwa abakubheke kakhulu ukuthi umphakathi ungaphakamisi imimoya kumele bayeke amaphoyisa enze umsebenzi wawo.
Amaphoyisa abengakaphawuli ngalolu daba.