UFUNA ukusebenzisa umculo ukushumayela iZwi likaNkulunkulu uMfu Favour Mabaso oyinhloko yebandla labasindisiwe, iHome Of Divinity.
UMabaso usanda kukhipha i-albhamu ayibize ngesihloko sebandla lakhe iHome Of Divinity. Inezingoma ezingu-15 sezizonke.
Uthi isiqalile ukuthi itholakale ngezindlela zobuchwepheshe besimanje. Echaza ngalokhu uMabaso uthe: "Ngiyakholelwa kakhulu ekutheni umculo unamandla enele okuthi kuguquke indlela umuntu acabanga ngayo. Umculo unamandla okushintsha izinto eziningi. Yingakho kumele nebandla likaNkulunkulu liwusebenzise.''
UMabaso uphinde abe ngumsunguli wenhlangano ecija amakhono ebizwa ngokuthi yiHope 4 Future.
Kule nhlangano kufundiswa abantu abasha ukubhaka amakhekhe. Udalule ukuthi sekuphele iminyaka engu-16 eqhuba lo msebenzi.
Ugcizelele kakhulu ukuthi uyakholelwa ekusetshenzisweni kwamakhono ngenhloso yokuzithuthukisa.
Ibandla aliholayo linamagatsha eThekwini ku-56 Maud Mfusi owabe waziwa ngoSt George ngaphambilini.
Linelinye igatsha likuKismet Hotel, 460 Long Market eMgungundlovu. Elesithathu okungelaseGoli lona lizokwethula maduze nje.
Uthe ufuna ukubona leli bandla lisabalale lifinyelele ezingxenyeni ezahlukene zesifundazwe iKwaZulu-Natal kanjalo naseNingizimu Afrika yonkana.
Uphinde abe ngumbhali onohlonze nosezakhele udumo. Ngo-Agasti uveze ukuthi uzokwethula ngokusemthethweni incwadi esihloko sithi : Holy Ghost Revolution.
Unezinhlelo ezahlukene emisakazweni eyahlukene yaKwaZulu Natal. Ibandla ulisungule ngo-2022.