UMfu Andile kaMajola uthi ukushonelwa ngabazali bakhe bobabili, kuphinde kulandele usisi wakhe esikhathini esincane, kumenze waphathwa ukhwantalala nolumenze wafuna ukuthatha umphefumulo wakhe ngoba ebona izinto zakhe zingahambi kahle. Uveze ukuthi isimo abebhekene naso simenze wama emculweni futhi kwanzima nokwenza umsebenzi kaNkulunkulu.
Elandisa Isolezwe Online, uthe wakhuliswa ngugogo ngenxa yokuthi unina noyise ahlukana nabo esemncane. “Okubuhlungu kakhulu ukuthi besisanda kuhlangana njengoba sebedlula emhlabeni. Umama ubegula kakhulu ese-Addington Hospital, kwamina kwaba sengathi ngihlala khona kulesi sibhedlela ngoba bengingapheli khona ngiyobheka yena,” kuchaza u-Andile.
Uthe ukhumbula kahle ngo-2020 ngesikhathi uMengameli Cyril Ramaphosa evala izwe ngenxa yeCovid-19 yingesikhathi unina wayegula nacabanga ukuthi neCovid-19 yasibhebhezela isimo sakhe.
“Kwaqale kwashona umama, kwalandela ubaba ngemuva kweminyaka emibili, yena wadutshulwa, kwaphinde kwashona usisi wami. Ngigcine ngibona ukufa kuyisona sixazululo,” kuchaza uKaMajola othi wagcina eshayeka nasephaketheni.
Uthe wagcina elunqobile ukhwantalala, njengamanje unomucu awukhiphile onesigqi se-Afro Pop, athi uzohlukanisa unyaka.
Uthe lo mucu awubiza ngokuthi Konke uwukhipha manje njengoba kuqala ihlobo. “Lo mucu owokubuyisa ithemba. Uthi uNkulunkulu yiba nethemba, okushilo kuzokwenzeka. Leli culo linesigqi esidanselekayo, okuhle sewuyatholakala kuzona zonke izinkundla ezi-online,” kusho ukaMajola othe i-albhamu egcwele izophuma ngoJanuwari, iphumela iPhasika.