UBHODLA umlilo uyise womfundi okuthiwa umiselwe ukubhimba ngeledlule ngesikhathi eshaya isigubhu emqhudelwaneni wengoma ehlanganisa izikole eShowe, ngosuku obekubungazwa ngalo ukugcotshwa kweSilo uMisuzulu kaZwelithini.
Umzali onguyise ’omncane womfundi (amagama abo esiwagodlile) owenza uGrade 6 esikoleni samabanga aphansi eNtumeni, eShowe, uthi indodakazi yakhe iphoqwe nguthishanhloko ukuthi ihlale isonto lonke ingalubhadi esikoleni, emva kokuthi ibhimbe ukushaya isigubhu esikoleni okwenze isikole salala endaweni yesithathu kwindlamu yabesifazane.
Kuthiwa isenzo sithukuthelise uthishanhloko wanquma ukuthi amjezise umfundi ngokummisa esikoleni isonto lonke.
“Ingane kuthiwe ayibuye nomzali, okuthe uma umfowethu eya esikoleni uthishanhloko wamtshela ukuthi umfundi uyamjezisa ngokuthi ame isonto esikoleni ngesenzo sakhe ngoba akanalo ilungelo lokumshaya kwazise induku seyavalwa ezikoleni. Abanye othisha bazamile ukuncenga ukuthi indodakazi ingamiswa kodwa kwanhlanga zimuka nomoya,” usho kanje.
Uthe othisha bancenge uthishanhloko ukuthi ambuyisele esikoleni ngesonto eledlule, kwazise useqenjini lomculo elilungiselela omunye umqhudelwano onamuhla, obekuzothi uma esebeyingxenye yalelo qembu, bese eqala isigwebo sakhe kusasa aze abuye ngoLwesine, lwesonto elizayo.
Lo mzali uthe umnqabelile umfundi ukuthi aye esikoleni ngaleyo nhloso ngoba ubebona ukuthi kuxhashazwa indodakazi yakhe.
Isolezwe lixoxa naye mfundi ngemvume kayise, uqinisekisile ukuthi umiswe, wabekwa icala lokubhimbisa iqembu lendlamu lamantombazane.
“Ngesikhathi singena esiteji kwathiwa angishaye isigubhu. Ngesikhathi ozakwethu besina, singiphunyukile ngephutha sagingqika, okuholele ekutheni abebesina badideke. Ijaji ebelikhipha imiphumela, liveze ukuthi siphume isithathu ngenxa yokuthi obeshaya isigubhu ubhimbile, ngale kwalokho besizodla umhlanganiso,” usho kanje
Uthe lesi senzo simcasulile uthishanhloko ngoba wonke amaqembu okubalwa nelabafana kulesi sikole, awudlile umhlanganiso kodwa kwahlulwa elabesifazane ngenxa yephutha lakhe.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Mlotshwa, usigxekile isenzo sikathishanhloko.
“Sizojuba umqondisi kwisifunda ekutheni alusukumele lolu daba ukuqinisekisa ukuthi umfundi uyabuyela ngokushesha esikoleni, siphinde sithole umbiko ophelele ngalo,” kusho uMlotshwa.