UBOSHWE esesikoleni umfundi osolwa ngokweba ingane yaseMzinto enezinyanga ezimbili eyebiwa owayezenza ohlukunyeziwe noswele indawo yokuhlala.
Okhulumela amaphoyisa uColonel Thembeka Mbele uveze ukuthi ithimba labaphenyi esiteshini samaphoyisa eMzinto libophe umfundi esesikoleni esiKwaQwabe, eMsinsini, emuva kwehora leshumi nanye izolo emini.
“Umsolwa ubaholele emzini osoThuthwini lapho kutholakale khona ingane uSibahle Vapi. Ingane ibibukeka isesimeni esihle futhi kuvele ukuthi ubeyincelisa ibhodlela umsolwa. Iyiswe esibhedlela ukuze ihlolwe,” kusho uCol Mbele.
Uthe umsolwa kulindeleke ukuthi avele enkantolo yaseMzinto kusasa ngecala lokuthumba.
Uyise wengane, uMnuz Mkhalelwa Gqoloda, uthe namanje akakakholwa ukuthi ingane yabo itholakale iphila.
“Bese siqala ukulahla ithemba lokuthi sizoyithola isaphila kodwa sijabulile uma sithola umbiko othi isitholakele nokuthi iyaphila. Wonke umuntu la ekhaya ubephatheke kabi ngokulahleka kwengane,” kusho uGqoloda.
Unina wengane, uNksz Nokuphiwa Vapi, uthe ubesendlini ngesikhathi ebikelwa abantu abahlala nabo ukuthi ingane itholakele izolo.
Uthe uphuthume esiteshini samaphoyisa eMzinto wayiswa lapho ingane itholakale khona bafica owesifazane osolwa ngokuyeba egqoke umfaniswano wesikole eyincelisa ibhodlela wafike waqinisekisa ukuthi ngumsolwa owathatha ingane yakhe.
FUNDA: Webe ingane owesifazane ozenze ohlukunyeziwe
Ngesikhathi bekhuluma nephephandaba abazali bengane bebesalinde ukuthola ukuthi izodedelwa nini inikwe bona njengoba iyiswe esibhedlela iyohlolwa. Bathe bebengakayitholi imininingwane ngomsolwa.
NgoLwesine olwedlule Isolezwe libike ngokwebiwa kwengane okuthiwa yathathwa ngowesifazane owayehlangane nonina wayo erenki yaseMzinto ngoLwesibili ntambama ngesonto eledlule.
UColonel Mbele wathi owesifazane owayegqoke i-gown ephinki wafika kunina wengane wazenza isisulu sokuhlukunyezwa nomuntu oswele indawo yokuhlala. Kuthiwa unina wengane wamsiza wamyisa emjondolo wakhe eNPA, eMzinto.
Emuva kwehora lesishiyagalombili ebusuku kuthiwa owesifazane wakhala ngekhanda elibuhlungu wacela unina wengane ukuthi amcelele amaphilisi komakhelwane.
Unina wengane washiya ingane yakhe nowesifazane walanda amaphilisi kodwa wabuya eseshaye wachitha nengane.
Kuthiwa wathatha ikhadi lengane lasemtholampilo, ubisi olusethinini nebhodlela layo.