INKANTOLO eNkulu yaseThekwini ikubekele uNovemba ukulalelwa kwecala elithweswe umengameli wezimantshi KwaZulu-Natal, uMnuz Eric Nzimande.
UNzimande, osekuphele iminyaka emihlanu amiswa esikhundleni sakhe, usanda kuvela kule nkantolo.
Icala lihlehlisiwe ukuze kulalelwe izindlalelo zokuqala kokuqulwa kwecala.
UNzimande ubhekene namacala amahlanu okuphula umthetho iPrevention and Combating of Corrupt Activities (PRECCA) Act.
Usolwa wuphiko lwezokushushisa iNational Prosecuting Authority(NPA) ukuthi wamukela imali ‘eyintshontsho’ engu-R230 000.
Kwenzeka lokhu nje uNzimande uvele ugqigqa esigcawini esimqondisa ubugwegwe esiqale ngoJanuwari nonyaka.
Isigcawu sisenkantolo edingida amacala athinta imindeni, ePhoyinti eThekwini.
Sisahlabe ikhefu kanti kulindeleke ukuthi siqhubeke nomsebenzi waso wokubiza ofakazi esontweni lokuqala ku-Okthoba nonyaka.
Ummeli kaNzimande, uMnuz Ravindra Maniklal, uthe inkantolo ilinde kuqale kuphothulwe isigcawu bese iqhubeka nokulalela icala eliphambi kwayo.
UNzimande uyawaphika wonke amacala awu-162 athweswe wona abandakanya inkohlakalo alalelwe yilesi sigcawu.
Okunye umqashi asola ngakho uNzimande ukuthi wayegembula ngesikhathi somsebenzi, enukubeza ngokocansi futhi egwazisa.
UNzimande usolwa ngokuthi wayekade egwazisa abantu ababezobamba izikhundla zokuba yizimantshi. Kusolakala ukuthi lokhu wakwenza phakathi kweminyaka u-Ephreli 2012 no-Okthoba 2015.
Kuthiwa nguyena owayeluleka ungqongqoshe wezobulungiswa ngaleso sikhathi, ukuthi wobani okwakumele bavale izikhala zokuba izimantshi.
Okunye uNzimande asolwa ngakho ukuthumela uzakwabo wesifazane isithombe esasiveza ubuntu bakhe.
Owesifazane kuthiwa wagcina elubike kwiKhomishini yeziMantshi lolu daba okuyiyona eshushisa uNzimande esigcawini.