I-MK isophe ukuhlanganisa amaqembu aphikisa uhulumeni wokubambisana emcimbini wayo wokugubha unyaka yasungulwa.
Le nhlangano eholwa owayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma, imeme onke amaqembu aphikisa uhulumeni wokubambisana (GNU) ukuba abe ingxenye yomcimbi wayo ozokuba ngeSonto, enkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida.
Lokhu kushiwo uNobhala Jikelele we-MK, uMnuz Floyd Shivambu, ngesikhathi ekhuluma nabezindaba.
Akucaci noma onke amaqembu aphikisa uhulumeni wokubambisana azowuhambela yini lo mcimbi.
Muva nje, ubudlelwano be-MK ne-EFF abubuhle kulandela ukuhlubuka kwabaholi abaqavile eqennjini eliholwa uMnuz Julius Malema, baya kwi-MK.
UShivambu akazange aphumele obala uma ebuzwa ukuthi abe-EFF bazofika yini, kepha uthe onke amaqembu aphikisa uhulumeni wokubambisana amenyiwe.
“Abaholi bamaqembu aphikisa uhulumeni wokubambisana sizobanika ithuba lokuthi kube khona abakushoyo emcimbi wethu. Laba abantu esisebenzisana nabo, babalulekile kakhulu kuthina.”
UShivambu uthe ubuholi be-ATM kuphela asebeqinisekisile ukuthi buzowuhambela umcimbi, wathi basalinde amanye amaqembu ukuthi aqinisekise.
“Asigqugquzeli abaholi bamaqembu kuphela ukuthi beze emcimbini, sifuna nokuthi amalungu ezinhlangano eziphikisa uhulumeni wokubambisana nawo eze emcimbini.”
UShivambu uthe kubalulekile ukuthi amaqembu aphikisa uhulumeni wokubambisa abe yimbumba, wathi bafisa ukuthi la maqembu avote ngokubambisana ezinkethweni ezizayo.
“Uma ulalela kahle uZuma lapho ekhuluma khona, uhlezi egcizelela eyokuthi ufisa ukuthi thina esicindezelekile sivotele iqembu elilodwa. Siphezu kombhidlango wokuhlanganisa amaqembu aphikisa uhulumeni wokubambisana. Lokhu kuzogqama kakhulu okhethweni lohulumeni basekhaya oluzokuba ngo-2026.”
UShivambu uthe abasoze bewemukele uhulumeni wokubambisana ophethe, wathi bayaqhubeka necala lapho bephosela khona inselelo imiphumela yokhetho.
UShivambu uthe sebethole ubufakazi obusha athe bazobethula enkantolo ngonyaka ozayo.
USihlalo we-MK, uMnuz Nathi Nhleko, uthe ubufakazi obusha ababutholile buveza ngokusobala ukuthi kwantshontshwa amavoti abo ngesikhathi kunokhetho lwangoMeyi.
Uthe amavoti e-MK anikezwa amanye amaqembu.
“Kuneqembu nje okwaziwayo ukuthi lesekwa amakhalathi, i-PA. Leli qembu lathola amavoti ezindaweni lapho okungekho khona amakhaladi. Lathola amavoti ngisho eMsinga.”