BAZOYIKHOTHA imbenge yomile abazama ukudla ngodli imisebenzi kahulumeni yokulungisa nokwakha ingqalasizinda esuke inikezwe osonkontileka abathile, okuthiwa kubambezela ukuhlinzekwa komphakathi ngezidingo.
Ethula amaqhinga okulwa nobugebengu esithangamini nabezindaba ebesisePitoli izolo, uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli, uMnuz Senzo Mchunu, uthe udaba lamaqembu ezigelekeqe ezifuna ukudla ngodli imisebenzi esuke inikezwe ngokusemthethweni abathile ukuthi bayenze, ingokunye kwezinto eziseqhulwini umnyango wakhe ozolwa nakho.
“Lezi zenzo ziphazamisa ukusebenza nokuthuthukiswa kwengqalasizinda okusuke kudingeka ngokushesha kuleli. Ukudluliswa komsebenzi kumele kwenzeke ngendlela efanele kulandelwe yonke imigudu ngaphandle kokusetshenziswa kobudlova nokuqhwaga ngenkani imisebenzi,” usho kanje.
UMchunu obebambe isithangami sokuqala selokhu ethathe izintambo kobeqhoqhobele lesi sikhundla ngaphambi kokhetho uMnuz Bheki Cele, uthe impi ebahlalele njengamaphoyisa ukuvundulula izibhamu ezisabalele, ezisezandleni ezingafanele okukholakala ukuthi zinomthelela omkhulu ezehlakalweni zobugebengu. Uveze ukuthi kuzophinde kubhekisiswe imigomo yokuphathwa kwezibhamu, ngaleyo ndlela imigomo yokusebenza kwezinkampani zonogada nayo izobuyekezwa.
Uphinde waveza ukuthi isihlava sokubulawa kwezingane nabantu besifazane kuyisihlava esikhathazayo kuleli.
“Inhloso yethu isobala, ukuqinisekisa abahlali bakuleli. Abantu kumele bekwazi ukuzihambela ngokukhululeka ngaphandle kokusaba izigebengu. Udlame lwamaqembu ezigebengu ngenye yezinto eqhubekayo nokukhula kuleli okugqame kakhulu esifundazweni i-Western Cape,” kusho uMchunu.
Uthe umnyango wakhe uzobhekana ngqo namaphoyisa abandakanyeka ezenzweni zobugebengu. Kulesi sithangami, uMchunu ubehambisana namaphini akhe amabili, uMnuz Cassel Mathale noNksz Polly Boshielo noKhomishana kazwelonke uGeneral Fannie Masemola.