UNGQONGQOSHE wezamaPhoyisa, uMnuz Senzo Mchunu, uxwayise ngokuthi zizoqhubeka nokuhlangana nezimbila zithutha izigebengu ezizama ukudubula amaphoyisa uma efuna ukuzibopha.
UMchunu uthe amaphoyisa azoqhubeka nokuzivikela ezigebengwini ezinqaba ukuboshwa.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba abalikanise emhlanganweni wesigungu esiphezulu kwi-ANC, i-lekgotla, eBoksburg.
UMchunu uvikele amaphoyisa asolwa ngokuqinisa isandla uma ebhekene nezigebengu, wathi ngeke asonge izandla uma ezithola ebhekene nezigelekeqe eziwadubulayo.
“Ngifisa ukukhipha isexwayiso ebantwini noma emaqenjini emigulukudu, ukuthi uma ukhomba amaphoyisa ngesibhamu, uwadubule, ungacabangi ukuthi amaphoyisa azokubuka. Amaphoyisa kufanele azivikele.”
Amaphoyisa agxekile ikakhulukazi KwaZulu-Natal emva kokwanda kwezigameko zabasolwa abashona kuthiwa bebedubulana namaphoyisa.
Bangu-32 abasolwa ababulewe amaphoyisa KwaZulu-Natal kulezi zinyanga ezimbili ezedlule.
UMchunu uthe awukho umyalelo wokuthi amaphoyisa kufanele aqothe izigebengu, wathi ayikho into asuke ezoyenza uma edutshulwa izigebengu.
“Amaphoyisa nawo angabantu, awaqhumanga etsheni, angobaba nomama ezinganeni zawo, angabayeni namakhosikazi, anezihlobo zawo eziwathandayo. Ngakho-ke kufanele azivikele. Awakwazi ukuvele azinikelele ezigebengwini.”
UMchunu uthe amaphoyisa kufanele azivikele ngazo zonke izindlela, wathi ayadingeka empini yokulwa nobugebengu.
“Amaphoyisa kufanele azivikele ukuze ezokwazi ukuqhubeka nokuvikela imiphakathi kusasa. Amaphoyisa kufanele aziphephise ukuze ezokwazi ukusivikela. Siyawagqugquzela amaphoyisa ukuthi aqhubeke nokuzivikela, futhi siyayeseka imizamo yawo yokulwa nobugebengu.”
UMchunu uthe amaphoyisa aya ezigamekweni azi kahle kamhlophe ukuthi abhekene nezigebengu eziyingozi, wathi ezinye zazo zisuke ziwafungele amaphoyisa.
“Amaphoyisa asuke ephethe ulwazi oluphelele ngendawo asuke eya kuwo futhi asuke ebazi kahle kamhlophe abantu asuke ebafuna ukuthi bayingozi. Kunesigameko nje esenzeka KwaDlangezwa, lapho khona amaphoyisa aya azi ukuthi kukhona izigebengu eziyingozi emzini othile.
“Vele amaphoyisa asuke azi ukuthi izigebengu angeke ziwenzele itiye uma efika. Izigebengu uma zifaka izinhlamvu, zisuke zisho kahle ukuthi zifuna ukudubula amaphoyisa. Ziyazi ukuthi abantu abazilwisi, abantu benza konke okushiwo yizigebengu uma bekhonjwe ngezibhamu. Lezo zinhlamvu zisuke zizodubula amaphoyisa.”
UMchunu uthe i-ANC izimisele nokulwa nobelelesi obudla lubi.