UMLINGISI wo Zalo umangaze abaningi engena esigcawini esina nezintombi eMkhosini woMhlanga esigodlweni seSilo uGoodwill Zwelithini eNyokeni, KwaNongoma, ngoMgqibelo.
UGugu Gumede (25), odume ngokulingisa indawo kaMaMlambo ku Zalo futhi oyindodakazi kaMengameli weNFP uNkk Zanele Magwaza-Msibi, ubeyibhikla ingoma nezintombi eMhlangeni kucaca ukuthi uyayazi into ayenzayo.
Izintombi zikhombise ukungamxwayi kodwa umbuzo obubuzwa ngabaningi abebehambele umcimbi owokuthi ngabe useyintombi yini.
Engxoxweni ekhethelekile ne Solezwe uthe ngeke akudalule ukuthi uyintombi nto noma cha ngaphandle kokuthi uyintombazane eziphethe kahle nekufanele ukuba igide eMhlangeni.
“Ngineminyaka eminingi ngihambela uMhlanga njengoba ubonile ukuthi izintombi azizange zimangale uma ngisina nazo. Kuneminyaka emibili ngagcina. Kulokhu ngithe angibe khona. Angifunanga ukufike ngihlale phansi kodwa ngisine nezintombi ngoba nami ngiyintombazane eziphethe kahle. Angithandi ukudalula ukuthi ngiyintombi noma cha. Okusemqoka wukuthi ngiyazi ngosiko lami futhi ngifisa namanye amantombazane amancane agqugquzeleke ngokuziphatha kahle njengoba nami ngenza,” kusho uGugu.
Ebuzwa ngokumboza kwakhe amabele ekubeni labo akade esina nabo bebehamba ngawo, uthe: “Ngigqoke izimpahla ezimnyama ngoba sengemula.”
UGugu, izintombi ebezilokhu zimbiza ngoMaMlambo, uthe ngeke akhuluma ngempilo yakhe yasesithe, wenqaba nokukhuluma ngokugana kwakhe.
“Umshado akuyona into engingakhuluma ngayo njengamanje ngoba ngimatasa ngiyazisebenzela. Empeleni impilo yami esesithe angikhulumi ngayo,” kusho uGugu ehleka.
UGugu useke walunguza emendweni. Isolezw e lake labika ukuthi uyingoduso kasomabhizini okwagcina kubikwa ukuthi baba nezinkinga bagcina ngokuhlukana.
Wale waphetha ukuphawula ngonina wathi okwamanje konke kuhamba kahle.
EMhlangeni bebekhona nabanye osaziwayo okubalwa kubo umculi kamaskandi iGcokama Elisha elifike kwachwaza izintombi. Izintombi bezilibamba ngapha nangapha iGcokama zilijabulela.
Abanye abajatshulelwe kube ngabasakazi boKhozi okubalwa kubo uMroza noNgizwe Mchunu.