NGOMSOMBULUKO uMbuso wenze isicelo sokuthi iNkantolo eNkulu yaseThekwini isichithe isicelo sokubuyekezwa kwesigwebo sabalisa abathathu abadonsa udilikajele ngecala lokubulala, iminyaka engu-15 ngelokubamba inkunzi neminyaka engu-15 ngelokuzama ukubulala.
Ummeli woMbuso, u-Advocate Khatija Essack ubeke amaphuzu okuthi asichithwe isicelo ngoba kunobufakazi obuqanda ikhanda, engeza nangokuthi abafaka isicelo benza icala njengeqembu lezigelekeqe.
UPhilani Velemseni Mkhwanazi, Thabani Sithole noChristopher Chili balahlwa yicala lokubamba inkunzi, elokubulala nelokuzama ukubulala esigamekweni esenzeka endaweni yokucima ukoma eMtunzini, iVulindlela Liquor Bar.
Bobathathu bawavuma wonke amacala ababekwa wona kodwa bayalela ummeli wabo ukuthi enze isitatimende esiveza ukuthi ngesikhathi kwenzeka isigameko bona babekwezinye izindawo.
Ufakazi kulolu daba, uMnuz Nkululeko Mnguni wafakaza ukuthi wambona uSithole noChili ngoba kwakungabantu abaziyo, ababengabathengi kule ndawo yokucima ukoma nokuthi umuntu wesithathu owambona nabahlaseli wayefana noMkhwanazi.
USithole noChili babengabumbozile ubuso ngosuku lwesigameko kanti uChili wayephethe isibhamu.
Omunye ufakazi, uMnuz Bonginkosi Gina, wathi wayekade esendaweni yokucima ukoma ngesikhathi kugasela abahlaseli emva kokuthi bebizelwe khona ngumufi.
Uthe ngesikhathi sekufanele bahambe endaweni yokucima ukoma, wababona beza ngakubona ngokushesha, yilapho ethi wezwa khona sekuqhuma isibhamu.
Umufi noGina babuyela ngaphakathi endaweni yokucima ukoma, bavala isicabha. Ngaphakathi uGina wathola ubhushu, ayethi uzozivikela ngawo. Wakwazi ukubona ukuthi uSithole omdubulile.
UGina owaveza ukuthi lawa amanye amadoda amabili wona ayephethe imimese, waphinde wadutshulwa futhi esifubeni.
Imimese yasetshenziswa ukugwaza umufi waze washona emva kwalokho amadoda afuna ngodli izikhiye zekamelo likamufi kuGina kodwa wayengazazi ukuthi zikuphi.
Emva kwalokho wathathwa wayiswa endaweni engemuva kwendawo yokucima ukoma lapho laba abathathu bazibiza ngamaphoyisa ngesikhathi bengqongqoza emnyango wekamelo likaMnuz Nkululeko Mnguni.
Emva kokubona ukuthi akavuli emnyango, bawukhahlela, ingaleso sikhathi lapho uMkhwanazi wahlehla khona, kwathi uSithole noChili bafuna ngodli imali kuMnguni.
Bamthatha bamyisa kwelinye igumbi lapho uKhehla wakhipha uR200, bamthatha uMnguni bambuyisela ekamelweni lakhe lapho baqhubeka bafuna ngenkani enye imali.
UGina uchaze kabanzi ebufakazini bakhe ukuthi kule ndawo kukhanya ngokwanele ukuthi ababone kahle abahlaseli, wagcizelela ukuthi lokho kwabuye kwenziwa nawukuthi abahlaseli kwakungabantu abazi kahle endaweni.
Ngosuku olulandela isigameko, amaphoyisa athola amagobolondo ezinhlamvu amabili kanjalo nesigqoko esifihla ubuso esasigcwele igazi emva kweyodwa yezindlu kubo kaSithole.
Ummeli wabasolwa ngesikhathi enza izethulo, uthe uMkhwanazi wayebumbozile ubuso, eveze amehlo kuphela nomlomo. Kanti njengoba babehamba endaweni yesigameko kungenzeka ukuthi kwakubuye kungakhanyi ngokwanele ukuthi uGina wayengakwazi ukuthi ababone kahle abasolwa.
Uphinde wathi uGina wayeselimele, esatshiswa futhi esezinhlungwini.
“Sasingekho isikhathi sokuthi abukisise ukuthi abahlaseli babengobani. Bonke ofakazi babesatshiswa futhi belinyazwa. Isikhalo esenziwa ngabamangalelwa ukuthi isigwebo abasinikiwe sikhulu, bonke bangabantu abasebasha, bayabuqonda ubukhulu becala kodwa bavela ezindaweni ebezincishwe amathuba,” kusho ummeli.