OBEYIPHINI leMeya yeTheku, uMnuz Philani “ PG” Mavundla, uthi usola ukuba yisikhwishikhwishi kwakhe okwenze i-ANC yamlahlisa okwenyongo yenyathi.
UMavundla onguMengameli we-Abantu Batho Congress (ABC), usanda kuketulwa yi-ANC esikhundleni sephini lemeya abesehlale kusona cishe unyaka owodwa. Uphume kungasekuhle kuvela ukuthi abezwani nemeya.
UMavundla ube nengxoxo ekhethekile neSolezwe ngeSontoechaza ngokukhishwa kwakhe.
“Mina ngiya kubantu ngizwe izinkinga zabo, ngizisombulule ngaleso sikhathi. Angihambi into ingakalungi. Uma unginike amandla ngiyawazi ukuthi asetshenzwa kanjani, angilokhu nginanaza ngiyasebenza.
“Angazi noma usekhona yini umuntu osebenzayo kwiANC. Ngiwumuntu osebenza ngokuzikhandla ngoba umholo wami ubukhokhwa ngemali yentela yabantu, angikwazi ukungasebenzi,’’ kuchaza uMavundla.
Uthe okunye okuvelile wukuthi i-ANC neMeya, uMnuz Mxolisi Kaunda, bebekhathazeke ngokuthi uMavundla uphethe umunxa kaMasipala weTheku onesabelomali esikhulu. UMavundla njengoba ebeyiphini lemeya, ubewusihlalo emkhakheni wengqalasizinda nokuhlaliswa kwabantu.
“Imeya ibikhala ngokuthi ngilawula ingxenye enkulu kakhulu yokusebenza kukaMasipala weTheku kodwa-ke nami ngiwumuntu, ngangingaba nesikhalo esinjalo.
“Kunesikhathi lapho okwakufanele ngiyokwethula amaloli kadoti, kwangenzeka ngoba sasixabana nemeya. Kwakufanele ngenzenjani ngoba amaloli angaphansi komsebenzi ebengiwuphethe?’’ kubuza uMavundla.
Okhulumela i-ANC eThekwini, uMnuz Mlondi Mkhize, uthe uMavundla ukhuluma into engekho ngoba umkhakha abenikwe wona uphoqa ukuthi umuntu owuphethe ahlale esebenza.
“Akukhona ukukhuthala kwakhe ngoba uma ubheka umkhakha wakhe, usebenza amanzi nezindlu nokunye okuningi okuyizidingo zabantu. UMavundla ayikho into aqhamuke nayo esungulwe wuyena kodwa wubeqhubeka nezinhlelo ze-ANC ezindala,’’ kuchaza uMkhize.
Uthe i-ANC iphethe uhulumeni namaqembu amancane, hhayi uMavundla yedwa futhi amaqembu abehlala ezokhala ngaye. UMkhize uthe i-ANC ibingeke imkhiphe umuntu ngenxa yokuthi ukhuthele kakhulu.
Okhulumela iMeya yeTheku, uMnuz Mluleki Mntungwa uthe ngeke aphawule ngoba wudaba lwe-ANC. Ukhale nangokuthi lusenkantolo udaba, sekunzima ukuluxoxa noma kuphi.
Udaba lokususwa kukaMavundla esikhundleni luzongena enkantolo ngoLwesihlanu.